UPitso uthi uNabi muhle kwiChiefs, ushaya amakhala ngabadlali
Sbongs Gumbi
UNasreddine Nabi angayivuselela iKaizer Chiefs ngokubona komqeqeshi onegama wakuleli uPitso Mosimane.
Amakhosi kumanje kuvela ukuthi asezingxoxweni nalo mqeqeshi waseTunisia kodwa kunezihibe ezikhona.
UNabi ufuna ukufika nethimba lakhe elizomsiza okuyinto abangazwani kahle ngayo neChiefs okwamanje.
Kodwa uPitso uthi kuyinto ejwayelekile ukuthi abaqeqeshi abakuleli zinga likaNabi naye bafike nabantu babo.
“Awukwazi ukumvimba ukuthi afike nethimba lakhe. Llei zinga esesikulo, kumele ube nethimba lakho,” kusho uPitso kwabeMetro FM ngoLwesithathu.
“Uma iqembu likufuna, alibuzi nokubuza. Lisuke lazi ukuthi inqola ihamba noseyili. Nami nginethimba lami engifika nalo.
“Selilandisile nje kumanje. Sengeze ngomqeqeshi wonozinti engangisebenza naye kwi-Al Ahly. NgowaseSaudi Arabia.
“Ngimthathele izizathu eziningi. Ukhuluma isiNgisi esihle futhi ukhuluma nesi-Arab. Uzongisiza kokuningi.”
UPitso ukholwa wukuthi uNabi ukuleli zinga labo, futhi kumele avunyelwe ukufika nethimba lakhe uma eqashwa.
“Ungumuntu olungile, umqeqeshi omuhle kakhulu. Uwine izicoco ezintathu kabili. Nami ngake ngakwenza kodwa ngeminyaka ehlukene.
“Yena ukwenze iminyaka ilandelana kwiYanga.” UNabi ubeqeqesha iYoung Africans yasetanzania. Kodwa useshiyile kuyo.
“Kuncike ezintweni eziningi,” kusho lo mqeqeshi uma ebuzwa ukuthi ngabe ubona uNabi engaphumelela yini kwiChiefs.
“Ibhola laseNingizimu Afrika lehlukile kwelaseTanzania. ETanzania kubusa amaqembu amathathu – iYanga, iSimba ne-Azam… namanye ke.
FUNDA NALA: UPercy Tau ufuna uCassius Mailula azibhalele owakhe umlando
“Kodwa ingcindezi inkulu futhi uNabi useyijwayele. Ngakho uzokwazi ukumelana nayo. Usekuvezile ke nokuthi ungumqeqeshi osezingeni.
“Kuleli zinga akulo, nginethemba lokuthi engaphumelela. Into engingenasiqiniseko ngayo yizinga labadlali beChiefs.
“Ngeke ke ngiphawule kakhulu ngabo ngoba angibabuki njalo,” kuchaza lo mqeqeshi owaziwa ngelikaJingles.