EzakamuvaiDStv Premiership

Ihlazo abalandeli bejikijela uNtseki kuhlulwa iChiefs

Sbongs Gumbi

Baphinde bazifaka ehlazweni abalandeli beKaizer Chiefs behluleka wukwamukela ukuhlulwa kweqembu labo elishaywe yiTS Galaxy ngo 1-0 ngeSonto ntambama. 

IChiefs ikhale ngaphansi ngegoli elibe wumkhonto ogwaza ekhaya kanozinti uBrandon Petersen elingene esiwombeni sesibili. 

Ube neshwa lonozinti ibhola ebelishayise ipali libuya lizishayisa ekhanda kuye qede wayowela enethini, kwaba wukubhimba kwekhwaya. 

Kodwa ke vele iChiefs ibingadlali kahle kulo mdlalo obuseMbombela Stadium njengoba beyibuye ihubhe izithunzi. 

Nomqeqeshi uMolefi Ntseki, ophume esevikelwe amaphoyisa abalandeli bemjikijela, ukuvumile ukubhacaza kwezakhe. 

“Ngiphoxeke kakhulu ngokuhlulwa. Kodwa imbangela yakho ngingabala izinto ezimbalwa,” kusho uNtseki ngemuva komdlalo. 

“Asizange sibe bukhali ngendlela ebekumele sibe yiyo. Besilandela ngemuva kukho konke nje emdlalweni. 

“Uma sihlasela besingenabo abantu abenele ebhokisini. Bekuthi uma silahla ibhola singakwazi ukusheshe sibacindezele.”

Nokho uNtseki, obethukwa kuthiwa akavele ashiye kusemanje, uthi izinto zizolunga ngoba amaphutha bayawabona. 

“Kodwa izinto esizoba ngcono kuzo ngoba sineviki eliphelele lokuthi abadlali belulame. 

“Uma ubheka indlela umdlalo obushube ngayo, bebebukhali kunathi. Yingakho besibalandela ngemuva. 

“Kodwa ngokwendlela yokudlala sizamile, kodwa senze iphutha eliholele egolini. Kodwa yinto elungisekayo.”

Bese kungokwesibili kule sizini iChiefs ihlulwa emidlalweni yeligi kule sizini. Okokuqala yashaywa yiMamelodi Sundowns. 

FUNDA NALA: U-Ofori uncoma iPirates ngokudlala ngathi isekhaya eComoros

Okwenziwe abalandeli ke kodwa khona kuyihlazo kwazise akukapheli nenyanga uNtseki ewuqalile lo msebenzi wakhe njengoba sebefuna axoshwe nje.