URanga Chivaviro uveza indabuko yakhe, nobuhlungu bezembe
Sbongs Gumbi
Umgadli weMarumo Gallants, uRanga Chivaviro, uthi akakuxwayi ukuthi abantu bayamangala uma bezwa ukuthi ungowokuzalwa eNingizimu Afrika.
Uzalelwe eLimpopo kanti uyise ngowaseZimbabwe, unina ngowakuleli. URanga Chivaviro uthi uze wayijwayela imibuzo ngendabuko yakhe.
“Uma abantu bezwa igama lami bavele bathi, ‘akukwazi ukuthi ungowaseNingizimu Afrika wena, walithathaphi leli gama?’” kusho lo mgadli.
“NgingumBolobedu, ngazalelwa eLimpopo. Kodwa uma ngitshela abantu igama lami, kuvele kube khona ukudideka.”
Uthi nabadlali bayadideka ngaleli gama lakhe, bazitshele ukuthi ungowokufika. Uyise sewashona kanti unina uhlala eGoli nendodakazi yakhe.
Kumanje uRanga Chivaviro ungomunye wabadlali okubhekwe ngabomvu ukuthi uzophelelaphi njengoba iGallants idliwe yizembe nje.
Kunamaqembu amahlanu okuvela ukuthi amgaqele. Avele ukulo iGallants ithi usengowayo ngoba iyelulile inkontileka yakhe.
IRichards Bay ithi yona yamsayinisa inkontileka yesethembiso ngoJanuwari. I-Orlando Pirates ithi yamthenga kanye noKatlego Otladisa kwiGallants.
IKaizer Chiefs yona iyantunta, ayazi ikhulume nobani ngokunthenga. Seyike yakhuluma neGallants neRichards Bay.
Kukhona neYoung Africans yaseTanzania. Yena kuthiwa ufuna ukuya kwiChiefs nom yona iYanga le yaseTanzania.
Nokho yena uthi usazidlelwa wusizi lokuthi akakwazanga ukusiza iGallants ivike izembe yize edlale kahle ngesizini esongwayo. Ushaye amagoli angu-17 sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano.
“Ngeke ukwazi ukujabulela ukuthi uyanconywa wena wedwa. Into enkulu yiqembu,” kusho uRanga Chivaviro.
“Kunemisebenzi eminingi elahlekile njengoba iqembu lidliwe yizembe. Imisebenzi yabantu abanabantu ababondlayo.
Uthi indlela wonke umuntu eqenjini ayephoxeke ngayo ngosuku lokugcina abakwazanga nokukhuluma ngemuva komdlalo.
FUNDA NALA: UManfred Siedler uyaziphendulela, uthi imimoya phansi ngeHollywoodbets AC
Usihlalo weqembu, u-Abram Sello wabuye wababizela emhlanganweni ezozama ukubaduduza.
“Ngemuva kwezinsukwa usihlalo wabiza umhlangano la azama khona ukusikhulula emoyeni, kodwa nalapho wawubona nje ukuthi kusenzima.”