EzakamuvaIbhola

UPhathu Nange uphume kwiChiefs wangena kwamakhelwane

Njabulo Shezi

Cishe ithe iqambe imemezela iKaizer Chiefs ukuthi uPhathutshdzo Nange iyamdedela, ubesevele esayinile kwelinye iqembu elingomakhelwane. 

IChiefs imemezele ngoLwesine kusihlwa ukuthi ngeke iyivuselele inkontileka kaPhathu Nange obesahlale iminyaka emibili.

Leli qembu belinombandela wokwengeza unyaka kule nkontileka yakhe, kodwa lanquma ukumkhulula ukuba ayozama kwenye indawo.

“UPhathutshedzo Nange usekhululiwe yiqembu njengoba inkontileka yakhe iphela. Usayine kuMakhosi esuka kwiStellenbosch FC ngoJulayi ka-2021. 

“UNange udlale imidlalo engu-31 washaya amagoli amabili kuyo yonke imiqhudelwano. Iqembu limfisela okuhle,” ibhale kanje iChiefs ngalo mdlali.

Kulapho ke iSuperSport United ivele yagxuma yahlala, yamvalela ehhovisi yamnika inkontileka lo mdlali wasesiswini oneminyaka engu-31.

Kuvela ukuthi usesayinile kwiSuperSport yize imininingwane ingakacaci okwamanje ngokuthi ngeyesikhathi esingakanani.

“UGavin Hunt kudala vele ecuthile ukuzwa ukutji iChiefs yenza njani ngaye. Kuthe uma imtshela ukuthi ayizumgcina, watshela yena. UHunt ube esethi akeze bezoxoxa, kwabe wukuthathwa kwakhe ke,” kuchaza umthombo.

Uthe ngabe kade vele asayina uNange kodwa kwayena uHunt ubesangabaza ukuthi uzobe ekuphi njengoba kuvumbuke isesheli esikhaleni ebesifuna ukumsusa eGoli aye eThekwini.

UHunt ngonunye wabaqeqeshi abebeshelwa AmaZulu FC ngaphambi kokuthi athathe uPablo Franco Martin waseSpain omenyezelwe kuleli viki.

“Ubengeke phela amphinde ngokumlanda bese emshiya nabanye abaqeqeshi mhlawumbe abangeke bakwazi ukumsebenzisa ngale ndlela yena akwazi ngayo.

FUNDA NALA: URanga Chivaviro uveza indabuko yakhe, nobuhlungu bezembe 

“Kwenzeka nakwiChiefs emlanda kwiStellies kanti yena uzoxoshwa,” kuchaza lo mthombo. Uthe iSuperSport izomethula kubalandeli nabezindaba maduze nje uNange.