EzakamuvaIbhola

U-Alexander ogxalwe yiChiefs uphinde walandela uBaxter 

Njabulo Shezi

Ngemuva kokugajwa kwakhe yiKaizer Chiefs, umdlali wasesiswini uCole Alexander kubukeka ezophinde alandele uStuart Baxter oseqeesha iHelsingborgs eSweden.

Lo mqeqeshi uvele uyamthanda u-Alexander njengoba amlanda nangesikhathi esebenza e-India, kanti nakwiChiefs walethwa nguye.

UBaxter ucashunwe ngabeSABC Sport eqinisekisa ukuthi lo mdlali ufikile eSweden la ezohlolwa khona ukuthi usakulungele yini ukudlala.

Kuthiwa ngemuva kwalokho uzobe eselungisa indaba yencwadi yemvume yokusebenza kuleliya lizwe. 

“Yebo, kuyiqiniso. Silande u-Cole esikhumulweni sezindiza kule mpelasonto futhi useke waziqeqesha nathi,” kusho uBaxter. 

“Useke wahlolwa nayithimba lodokotela – futhi lokho kuhambe kangcono kunalokho ebesikucabanga ngoba uphile saka.”

U-Alexander usebenze nalo mqeqeshi ku-Odisha FC kwi-Indian Premier League eminyakeni emithathu edlule ngaphambi kokuthi asayinwe yiChiefs ngo-2021. 

Kodwa ngenyanga edlule Amakhosi anqamule inkontileka yalo mdlali oneminyaka engu-34 nokuyingakho esekwaze ukuzilandelela uBaxter. 

Okumjabulisile uBaxter wukuthi u-Alexander ubezimisele ngokufudukela phesheya.

“Muhle umlando wabadlali bePremier Soccer League, nomabaseNingizimu Afrika kwiHelsingborgs… 

“Kusukela kuMay Mahlangu, Surprise Ralani, Thando Mngomeni no-Isaac Chansa,” kwengeza lo mqeqeshi.

Uthe ubheke ukuthi u-Alexander asheshe angene eqenjini lakhe uma nje sekulungiswe amaphepha “ezinsukwini ezimbalwa ezizayo”.

UBaxter uphinde wadalula ukuthi iHelsingborgs, ifuna nomgadli wakuleli uWayde Lekay.

“Sinomgadli ongunombolo 9 oyedwa kuphela futhi besicabanga ukuthi singamthola uWayde. 

“Kodwa imvume yakhe yokusebenza izothatha isikhashana, ngakho sibheka ezinye izindlela zokuthi asondele futhi ajwayele ibhola laseSweden.” 

FUNDA NALA: Abakazi sibuya nini isethenjwa seChiefs, uKeagan Dolly

ULekay, owayedlalela iTS Galaxy neCape Town City, naye akanalo iqembu anenkontileka kulo njengoba echithiwe kwiCity ekupheleni kwesizini edlule.