EzakamuvaIbhola

UFranco Martin uzowenza umshini ongavimbeki AmaZulu

Sbongs Gumbi

UPablo Franco Martin, oqashwe ukuhola AmaZulu FC kusukela ngesizini ezayo, useveze ahlose ukukuzuza naleli qembu leDStv Premiership laseThekwini. 

Ekhuluma okokuqala ngemuva kokwethulwa kwakhe njengomqeqeshi omusha woSuthu, uthe ungumqeqeshi okholelwa ebholeni eliya phambili. 

“Ngingumqeqeshi othanda ibhola elihlaselayo. Angiliqondi ibhola elingenanhloso,” usho kanje ekhuluma engakubo eSpain lo mqeqeshi. 

“Isifiso sethu wukuthi sidlale ibhola elihle, sizame ukuhlasela ngaso sonke isikhathi ngenhloso yokuwina imidlalo eminingi.” 

La mazwi kaFranco Martin azwakala ephuma kumuntu onezifiso ezinkulu noyaziyo into ayifunayo ngaleli qembu. 

Nokho uyazi ukuthi kubalulekile ukuthi uma uhlasela, ungashiyi kodwa emuva kuvulekile. 

“Ngifuna abalandeli babone iqembu elihlaselayo, elilwayo emuva futhi elisebenza kanzima kuzo zonke izigaba zomdlalo,” kuchaza uFranco Martin. 

UFranco Martin veze nokuthi ufuna ukubuyisela AmaZulu ekubeni ngelinye lamaqembu aphezulu ebholeni lakuleli. 

Sekuneminyaka eminingi ke AmaZulu agcina ukuthola indebe kodwa lo mqeqeshi ufisa ukukujika lokho. 

“Ngize ngenhloso yokuqopha umlando ngokubuyisela iqembu endaweni elifanele.” La mazwi akhe azobajabulisa abalandeli. 

Usuthu luke lwabukeka lukhula, luzoba yiqembu elilwela izicoco ngesikhathi lucijwa uBenni McCarthy. Kodwa wabuye wakhonjwa indlela. 

Ngemuva kokuhamba kwakhe izinto zivele zabhimba kakhulu nokuphethe ngokuthi kwenziwe izinguquko ezinqala.

FUNDA NALA:  UPhathu Nange uphume kwiChiefs wangena kwamakhelwane

Kushintshe abaphathi beqembu njengoba sekuqashwe nomqeqeshi omusha nje. Kuzobhekwa ngabomvu ke ukubona ukuthi ngabe lezi zinguquko ziwayenza yini umehluko. 

UFranco Martin ulindelwe kuleli ngeviki elizayo la ezobe eseqala ehlola abadlali abakhona, abone udinga ukuqinisa kuphi nokuthi yibaphi angeke abadinge.