EzakamuvaIbhola

USteve Barker uphawula ngoMthethwa omataniswa neChiefs

Alfred Ngubane

Kufanele ukuthi abaqeqeshi bamaqembu athathwa njengamancane njengeStellenbosch FC kaSteve Barker baba nokungazi bazofica baphi abadlali uma kubuywa ekhefini. 

Kodwa ke uSteve Barker yena unenhlanhla yokuthi eqenjini lakhe unawo umbono ekudayisweni nasekuthengweni kwabadlali.

Yingakho azi nokuthi yibaphi azobe engenabo ngesizini elandelayo, bese eqala elungisa abazovala izikhala. 

Impempe ikhulume naye lo mqeqeshi ifuna ukuzwa ngoSibongiseni Mthethwa osekubikwe kaningi ukuthi ufunwa yiKaizer Chiefs. 

Kuleli viki kuvele imibiko ethi iChiefs ifike ifongqe isigqoko kwiStellies, yabeka uR6-million etafuleni, kodwa yachithwa kwathiwa ayiyofaka uR2-million ngaphezulu kube uR8-million. 

Akucacike ukuthi izokwenza yini lokho njengoba kubonakala ngathi sekwamila ameva emaphaketheni ayo ayihlabayo uma ifaka isandla. NakuJunior Mendieta kuvela ukuthi yahlehliswa uR12-million owafunwa yiStellies.

Kuvela ukuthi lokho kwavulela iMamelodi Sundowns ithuba lokuthi imhlwithe lo mdlali onekhono elimangalisayo kwazise yona ayenqeni ukukhokha. Phela kwiSundowns kujayiva ngisho umakoti ngendlela eningi ngakhona imali.

“Akukho engikwaziyo ngalokho ngaphandle kokubona nje uma nina bezindaba nibhale ngakho. Asikaze sithole lutho oluvela kwiChiefs mayelana naye,” kusho uSteve Barker. 

FUNDA NALA: UPhathu Nange uphume kwiChiefs wangena kwamakhelwane

Akavanisile ke lo mqeqeshi ukufihla uma into eyazi. Kodwa ke kungenzeka ukuthi badonswe ngendlebe ukuthi bayishaye isiNdlondlo le ndaba. 

Kuvamisile ke kodwa nokuthi iChiefs imataniswe nenqwaba yabadlali egcina ingabasayinanga. Akuyena uMthethwa kuphela namanje omataniswa naleli qembu. 

NoRanga Chivaviro kuvela ukuthi iyamfuna futhi yenza konke okusemandleni ukumthola. Ike yazama noRowen Human weMaritzburg United, yatshelwa ukuthi ayifike noR6-million.