EzakamuvaIbhola

UKaizer Jnr ukhuluma sakuswebeza ngokuxosha uNabi

SIHLE NGUBO 

Akayicacisi eyokuthi kuzokwenzekani ngomqeqeshi uNasreddine Nabi weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung Junior oyiSporting Director kuleli qembu laseNaturena.

Lokhu kulandela umbiko weSunday Times lapho iveze ukuthi lo mqeqeshi uzokhonjwa indlela nethimba lakhe, yize enqobe iNedbank Cup ngempelasonto.

IChiefs iqede isomiso seminyaka ishaya i-Orlando Pirates ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo.

Ngokubika kweSunday Times uNabi ubenomgomo wokuqeda kwiTop 3 nokuyinto emehlulile yize iqembu lisebenzise imali elinganiselwa ku-R100 million, ukushintsha izinto.

Ebuzwa kwi-5 FM uMotaung ukuthi yiqiniso yini ukuthi umqeqeshi uyahamba, uphendule ngendlela engacacisi.

“Umqeqeshi unenye isizini ngemuva kwalena nathi. Kumele siqale sicubungule isimo kodwa lena yinto esiyenza njalo uma kuphela isizini,” kusho uMotaung.

“Kumele sihlale phansi sibuke emuva. Siyazi ukuthi imiphumela yemidlalo yeligi ibingahambi kahle. Siyazi futhi sisanda ukwenza into enkulu (ekhomba indebe yeNedbank Cup).

“Ngakho siyahlela siya phambili. Sifuna ukusebenzisa lesi sikhathi ukubuka indlela eya phambili sithole nokwesekwa esikudingayo.

“Kumele sihlanganise iqembu, abadlali nakho konke ukuya phambili. Sihlelela ikusasa.”

Akwaziwa noma ikusasa akhuluma ngalo uMotaung liyamfaka yini uNabi okunguyena onqobele iqembu indebe yokuqala eminyakeni eyishumi.

IChiefs izithola isendaweni yeshiyagalolunye ngamaphuzu angu-30 emidlalweni engu-26 kweyeBetway Premiership.

Isalelwe yimidlalo emibili ukuthi isonge isizini. Izobhekana neSekhukhune United ngoMeyi 17, bese iyivale nePolokwane City ngoMeyi 24.

Leli qembu laseNaturena lisengozini yokuphinde lingangeni kwiTop 8 njengoba kwenzekile nangesizini edlule.