IMamelodi Sundowns isayina isitobha seStellies
Sbongs Gumbi
Noma beyingahlala ingasayini mdlali iMamelodi Sundowns akekho obengayisola kwazise ivele ibophele ukhilimu wabadlali.
Kusekhona nabangakalitholi ithuba elanele lokudlala. Kodwa leli qembu lasePitoli seliphinde langena emakethe.
Kuvela ukuthi isayine umgadli waseBrazil u-Everton Macedo Moraes noLesiba Nku obekwiMarumo Gallants. Bekuke kwavela ke nokuthi ilande uJunior Mendieta kwiStellenbosch FC.
Kodwa Impempe seyingakuveza ukuthi ngaphezu kwalaba badlali, iMamelodi Sundowns iphinde yathenga no-Olwethu Makhanya kwiStellies.
Kodwa ke ngeke lesi sitobha siye kwiMamelodi Sundowns manje, sizobolekiswa kuyo iStellies isizini eyodwa ngokusho komthombo.
“IMamelodi Sundowns icabangela nekusasa njengoba isheshe yamthatha u-Olwethu ukuze ethi amanye amaqembu amnaka, yona ibe seyikade yaqeda naye.
“Kodwa ngeke aye kuyo manje, usazohlala okungenani isizini eyodwa noma amabili ngaphambi kokuthi imlande.
“Iyazi okwamanje ngeke asheshe ukulithola ijezi kuyo, ngakho izomyeka aqhubeke la ekhona okwamanje,” kusho lo mthombo.
UMakhanya ngomunye wabadlali ababe nesizini enhle. Ubeqokiwe nasemiklomelweni yePSL yokusonga unyaka.
Uphuma enkulisa yeMarumo Gallants kanti ucishe waya kwiKaizer Chiefs ngesikhathi esuka kwiGallants kodwa wakhuzwa abazali.
Yena wathi wayefuna ukuya kwiChiefs kwazise ukhule engumlandeli wayo, kodwa waxwayiswa ngokuthi mancane amathuba okuthi adlaliswe kuyo.
“Ngikhuluma iqiniso, mina ngangichazeke kakhulu ngokuya kwiKaizer Chiefs ngoba vele ngikhule ngingumlandeli wayo,” washo kanje uMakhanya.
FUNDA NALA: IKaizer Chiefs isigcine imtholile umgadli ebimfuna uthuli
“Ekhanda lami kwakuduma iChiefs kodwa ngemuva kokukhuluma nabantu nabadala, engibathembayo, abantu abafana nemenenja yami nabazali, sabe sesenza ucwaningo.
“Sabona ukuthi uma ngiya kwiStellenbosch nginethuba elikhulu lokudlala eqenjini elikhulu ngoba babenyuse abadlali abahlanu besuka enkulisa neya kwelikhulu.”