I-Arrows ithi ‘ulovile’ emsebenzini uKhenyeza othi usulile
SIHLE NGUBO
ILamontville Golden Arrows seyiveze ukuthi ayazi ngokwesula komqeqeshi uMabhuti Khenyeza kodwa ‘ulovile emsebenzini.’
NgoLwesithathu kuvele ukuthi uKhenyeza usulile isigubhukane kuleli qembu abeliqeqesha ngokubambisana noMusa Bilankulu kanjalo noKagisho Dikgacoi.
Nokho isitatemende esikhishwe yileli qembu kwi-Instagram sikhombisa ukuthi lona alazi lutho ngokwesula kukaKhenyeza ekubeni umqeqeshi weqembu.
“ILamontville Golden Arrows ithanda ukukucacisa ukuthi uMabhuti Khenyeza akezanga emsebenzini isonto lonke”, kusho isitatimende se-Arrows.
“UMusa Bilankulu noKagisho Dikgacoi yibona abaphethe iqembu (njengabaqeqeshi). Iqembu ngeke lisaphawula ukwedlula lokhu.”
Umthombo weMpempe osondelene noKhenyeza uveze ukuthi lo mqeqeshi kade ayifaka incwadi yokwesula kwi-Arrows. Uthumele inkulumo phakathi kwawo nalo mqeqeshi.
“Kunezindaba eziphuthumayo, sengisulile kwi-Arrows sekuphele isikhathi esicisho sibe amasonto amabili manje kodwa bona bayifihlile,” lena yinkulumo yakhe ngqo uKhenyeza.
Akwaziwa ukuthi ubani oqinisile nosenga ezimithiyo phakathi kukaKhenyeza naBafana Bes’thende.
Nokho Impempe iyaqonda ukuthi uKhenyeza wafaka incwadi yokwesula ngemuva kokuthi iqembu lishaye iCape Town City ngo 3-2 emdlalweni weBetway Premiership ngoDisemba 1.
I-Arrows izobhekana neRichards Bay FC emdlalweni weligi eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama. Awekho amathuba okuthi uzobe ekhona uKhenyeza kulo mdlalo.