EzakamuvaIbhola

Ezintsha ngoThabo Cele obehalelwa yiKaizer Chiefs

Sbongs Gumbi

UThabo Cele uzodlala esigabeni esikhokhelayo okokuqala eNingizimu Afrika ngonyaka ozayo njengoba esejoyine iSekhukhune United. 

Lo mdlali wasesiswini ubefunwa uthuli yiKaizer Chiefs kule minyaka emibili edlule kodwa yangakwazi ukumthola. 

Ngesikhathi imfuna ngesizini edlule yatshelwa ukuthi akakakulungeli ukubuya kuleli njengoba esafuna ukuya kumaligi amakhulu e-Europe. 

UThabo Cele, ongowaKwaMashu ngokuzalwa, ubegijima kwiRadomiak Radom yasePortugal ngaleso sikhathi. Llei qembu lidliwe yizembe, labe selimkhulula. 

Bekubhekwe ukuthi iChiefs izogxuma ihlale, imsayine lo mdlali kodwa Impempe seyingakubika ngokungananazi ukuthi usesayine kwiSekhukhune. 

Sekungokwesibili ke iChiefs ishiyeka kumdlali ebimfuna njengoba nakuJunior Mendieta ixoshwe yiMamelodi Sundowns. 

“Usanda kuqeda nje konke. Usezodlala kwiSekhukhune ngesizini ezayo,” umthombo wethu osondelene naleli qembu laseLimpopo usitshele kanje.

Lo mthombo uthe okwamanje bewungakazi ukuthi inkontileka ngeyesikhathi esingakanani kodwa khona sekuvunyelwene futhi kwasayinwa. 

Sekusele kuleli qembu ukuthi limethule emphakathini njengomdlali walo. Ungowesithathu kwabasayinwe yiSekhukhune muva nje. 

Seyivele isayine onozinti uWashington Arubi obekwiMarumo Gallants noRenaldo Leaner obekwiMaritzburg United.

ISekhukhune iqinisa nje yingoba izoyodlala kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo kanti nakuleli ifuna ukukhula, ibe yiqembu elihubha izicoco. 

UThabo Cele ungomunye wabadlali asebenamava yize engakaze adlale kwiDStv Premiership. Uphuma enkulisa yaseThekwini , iKZN Academy.

FUNDA NALA: Usefuna ukuzimela ekuqeqesheni uPhilani Shange owaduma kwi-Arrows

Lo mdlali wasesiswini useke wavela nakwiBafana Bafana kanti kumanje ufakiwe eqenjini okuzokhethwa kulo abazodlala iCosafa Cup. 

KwiSekhukhune uzofica uKamohelo Mokkotjo naye sand akubuya kuleli njengoba akhulela phesheya la edlale khona emaqenjini ehlukene.