Usola uZwane ngokubhacaza kukaBimenyimana uValery Nahayo
Alfred Ngubane
UValery Nahayo uyikhomba kumqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane inkinga yokuhluleka kukaCaleb Bimenyimana kuleli qembu.
Kumanje kuvela ukuthi lolu nkonko lo mgadli odabuka eBurundi ungomunye wabadlali abazokhonjwa indlela kwiChiefs.
UCaleb Bimenyimana wafiak kwiChiefs ngesasasa elikhulu, futhi wabonakala eza kahle njengoba ubewashaya amagoli.
Nokho abuye anqamuka amagoli, kwaqala kwavela nokuthi sengathi akekho kuleli zinga obekucatshangwa ukuthi ukulo.
Kodwa uValery Nahayo, owake wadlala kuleli qembu laseNaturena eminyakeni edlule, ubona sengathi nguZwane ohluleka ukusebenzisa lo mgadli ngendlela efanele.
“Akamqondi kahle uCaleb Bimenyimana, akazi ukuthi kumele amsebenzise kanjani njengoba manje esehlelwe yizinga nje,” kusho uValery Nahayo kwabeSowetan.
Uphinde waveza ukuthi uyabona ukuthi kunokuhlukana okukhona kubadlali beChiefs lokhu wakukhomba kuye umqeqeshi.
“Abaqeqeshi base-Afrika yonkana bayahluleka ukufaka abadlali umdlandla. Ngikholwa wukuthi uCaleb Bimenyimana ungumdlali onekusasa eliqhakazile kakhulu.
“Kodwa udinga ukusizwa nguyena ngumqeqeshi ngokuthi angampheleli inhliziyo, kodwa ameluleke, ameseke.”
FUNDA NALA: Efstathiou: Idabhi yaseKapa izoyehlula eyasePitoli ngobukhulu
UNahayo, Naye odabuka eBurundi, wadlala kwiChiefs nakwiJomo Cosmos ngaphambi kokuthi ayodlala eBelgium okuyilapho esezinze khona.
Uthi useqalile ukwenza izicucu zokuqeqesha. Ungomunye wababambe iqhaza eqenjini lesizwe lakubo okudlala kulo uBimenyimana.
Khonamanjalo, uBomenyimana kuvela ukuthi ufunwa yiqembu lase-Ukraine. Kungenzeka ke limthole mahhala uma iChiefs igcina ngokumkhulula.