EzakamuvaIbhola

Umqeqeshi wePirates usesibhedlela ngemuva kwengozi yemoto

 

SIHLE NGUBO

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, ungomunye walabo abalimele ngesikhathi beba sengozini yemoto ngeSonto ebusuku.

Ngokusho kwesitatimende esikhishwe yiPirates ngoLwesibili, le ngozi yenzeke ku-R21 ngesikhathi iqembu livela eGqeberha, ngemuva kokunqoba ngo 3-0 kwiChippa United.

Ngemuva kokushayisana kwezimoto ezimbili umqeqeshi uphumile emotweni namanye amalungu eqembu ukusiza labo abebethintekile.

“Ngebhadi bathe beselapho kwaqhamuka iNissan NP200 yashayisa izimoto ebezimile, yashayisa neqoqo labantu kwaba nabalimalayo,” kusho isitatimende sePirates.

“Umqeqeshi u-Ouaddou, nabanye abahlanu, baphuthunyiswe esibhedlela ngokushesha lapho bethola khona ukwelashwa.

“Iqembu liyaxhumana nalabo ababelaphayo futhi lizosho ukuthi kuhamba kanjani kubona ngemuva kwesikhathi.

“Njengamanje okubalulekile kithina yimpilo nokuba sesimeni esikahle kozakwethu.

“Iqembu selenze uhlelo lokuthi labo abathintekayo nemindeni yabo bathola ukwesekwa okufanele ngalesi sikhathi esinzima kangaka.

“Sicela ukunikwa ithuba lokwenza izinto ngasese nokuhlonipha labo abathintekayo njengoba bezama ukululama.”

IPirates ingelinye lamaqembu anabadlali abaningi eqenjini lesizwe iBafana Bafana futhi akuveli ukuthi bakhona abalimele engozini yemoto ngeSonto kulaba ababiziwe.

Kulaba badlali kukhona uSipho Chaine, unozinti, uRelebohile Mofokeng, uSipho Mbule, u-Oswin Appollis, uKamogelo Sebelebele, uThalente Mbatha noMbekezeli Mbokazi.

Kulaba badlali akekho okuvela ukuthi akafikanga ekhempini yeBafana njengoba ilungiselela ukubhekana neLesotho emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba eBloemfontein ngoLwesihlanu.