UJunior Khanye uqagule amanga wodwa ngeBafana
SIHLE NGUBO
‘Isangoma’ esinguJunior Khanye sidle imbumba ngeBafana Bafana, nokuthi izokwenza kanjani kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023.
NgokukaJunior Khanye iBafana ngabe seyisebhanoyini elibuyayo ngemuva kokudlala imidlalo yamaqoqo.
Ngaphambi kokuthi kuqale i-Afcon, uJunior Khanye ulihlabe walihlikiza iqembu lesizwe eliqokwe umqeqeshi uHugo Broos.
Ubekhala ngokuthi alinawo amava futhi njengoba lakhiwe ngabadlali abaningi abagijima kwiPremier Soccer League (PSL), ngeke lilibone elidlalayo e-Ivory Coast.
“IBafana izodlala ngokulingana neNamibia, bese ishaywe kule eminye imidlalo emibili,” ucashunwe yiDiskiTV esho kanje uKhanye owayegijima kwiChiefs.
“Bazoshaywa yiTunisia neMali bese bayabuya… i-Afcon iya kwiSenegal engelinye lamaqembu aqinile.
“Abanabo abadlali abangancintisana ezingeni labo. Babuke badlala kumaligi aphezulu futhi badlala njalo.”
IBafana iyivule kabi imidlalo ye-Afcon ishaywa yiMali ngo 2-0 – kwenzeka lokhu obekubhulwe uJunior Khanye.
Nokho ngemuva kwalokho ivuke yazithatha yabhudluza iNamibia ngo 4-0, kwabuya ukuzethemba.
Emdlalweni wokugcina ibambane neTunisia ngo 0-0 yazibekisela indawo kwiLast 16 ye-Afcon.
Sekucacile ukuthi alikho izwe elingeke lilishaye elinye kwi-Afcon uma kubhekwa imiphumela yemidlalo yamaqoqo.
Amazwe abethenjiwe afana neTunisia (engawinanga nowodwa umdlalo), yiGhana (nayo engayazi iwini kule Afcon), yi-Algeria, azithole ephuma ekuseni emqhudelwaneni.
Ngaphambi kwemidlalo ye-Afcon uHugo Broos ubachithile labo abebegxeka iqembu aliqokile.
“Uma ngiselapha ngizokhetha umdlali owenza kahle ngokwami,” washo kanje uBroos
“Ungadlala kwiPSG, iBayern Munich njalo njalo, uma ungahambisani nendlela engidlala ngayo angisoze ngikubize.
“Ngaba nesimo esifanayo eCameroon eqenjini lakhona lesizwe.
“Abantu babenganeme ngeqembu engalikhetha, siya kwi-Afcon eGabon ngo-2017 kodwa sayiwina indebe.”
IBafana izobhekana neMorocco emdlalweni weLast 16.
La maqembu egcina ukuhlangana kuwine iBafana ngo 2-1 kweyokuhlungela i-Afcon.
FUNDA NALA: Aw, basebenzile abafana – iBafana idlulele phambili kwi-Afcon
Elinye izwe eliputshukele kwiLast 16, sekuvalwe amehlo, yi-Ivory Coast engosokhaya.
Izobhekana nabavikela isicoco, iSenegal, kwiLast 16.
Imidlalo yeLast 16:
- South Africa v Morocco
- Ivory Coast v SenegalÂ
- Nigeria v Cameroon
- Mali v Burkina Faso
- Equatorial Guinea v Guinea
- Angola v Namibia
- Egypt v DR Congo
- Cape Verde v Mauritania

