Kuyambhimbela uNdumiso Mabena kwi-Orlando Pirates
Njabulo Shezi
I-Orlando Pirates ngeke isamgcina uNdumiso Mabena uma kuphela ingxenye yokuqala yenkontileka yakhe.
UNdumiso Mabena ubuyele kwiPirates phakathi nesizini edlule ngemuva kokugxalwa yiRoyal AM ayengukaputeni kuyo.
Wayefike kwiRoyal AM ngesikhathi ithenga isitifiketi seBloemfontein Celtic ayengukaputeni nakuyo, waqhubeka naso lesi sikhundla.
Kodwa kuhambe isikhathi waxabana neRoyal AM, wagcina ededeliwe. Uke wahlala isikhashana engenaqembu.
Kuvela ukuthi wabe esecela ukuyojima nePirates ukuze ahlale esesimweni esifanele kodwa wafike wabachaza abaqeqeshi.
Kulapho ke ebe esenikwa inkontileka yezinyanga eziyisithupha, enombandlela wokuthi iqembu lizokwelula ngonyaka uma iphela.
Kodwa abeSABC Sport babika ukuthi iPirates seyiqoke ukungawusebenzisi lo mbandela okwinkontileka kaNdumiso Mabena.
Lokhu kusho ukuthi uzobe engasenaqembu uma kuphela uJuni futhi usengaya kunoma yiliphi iqembu.
Kuzoba nzima ke nokho ukulithola uma ubheka iminyaka yakhe. Njengoba esena-35 nje, ebholeni lakuleli uthathwa njengosekhule kakhulu.
Kuvela ukuthi iPirates imdedela nje kungoba ivele inenqwaba yabagadli abasebancane okumele bathole ithuba ngesizini ezayo.
FUNDA NALA: IChiefs idlale kancane ngoHashim Domingo osesayine eMorocco
Bekuvele ke kungaqondakali ukuthi imsayina kanjani ekubeni ibolekile ngabagadli abasebancane abafana noTshegofatso Mabasa, Zakhele Lepasa noBoitumelo Radiopane.
Udedelwa nje uNdumiso Mabena usanda kuvela ukuthi iPirates iyambuyisa uLepasa kulokhu futhi inqabile kukhona iqembu laphesheya ebelimfuna.
Ubefunwa nguStuart Baxter kwiHelsingborgs IF yaseSweden. “
“Ngimbhekile izikhawu ezimbalwa ekwiPirates futhi ngibonile ukuthi akasetshenziswa kuyo,” kuchaza lo mqeqeshi oke wacija iKaizer Chiefs neSuperSport United kuleli.
“Ngibe sengikhuluma nabantu beSuperSport bangitshela ukuthi nakhona akadlali njalo. Yingakho ngibe sengizibuza ukuthi uzoyaphi kokulandelayo ngoba ngimbona engafike abe muhle eSweden.”