EzakamuvaIbhola

USiboniso Gonya ufunwa abahleli bezimpi abaphezulu

Alfred Ngubane

UNestor Tobbies ongumhleli wezimpi wasenamibia ohlonishwayo emhlabeni jikelele, ufuna uSiboniso “Tiger” Gonya azolwa ngaphansi kwesitebela sakhe. 

Uthi uGonya nguyena mshayisibhakela owabagila kakhulu ngesikhathi ebaphuca ibande leWBO ngokushaya kabuhlungu ibhokisa lakhe ayelithembile u-Emmanuel Naidjiala. 

“Bengilokhu ngimlandela ngambona elwa e-England noZolani Tete. Ngifuna ukwakhela phezu kwakhe njengoba ngisanda kulahlekelwa ngelinye ibhande leWBO. 

“Salephucwa uJohn Casimero osengumpetha womhlaba kwiWBO,” kusho uTobbies. USiboniso Gonya ungaphansi kweLudonga Boxing Promotions njengamanje. 

“Ngizwile ngoDingaan Thobela ukuthi lo mfana abasamnakile njengoba kwashona uThulani Magudulela  obengumhleli wakhe. 

“Mina ngizomnika umqeqeshi wami ophambili amthunuthe, uzovuka qingqo,” kwengeza lo mhleli qezimpi. 

USiboniso Gonya ubukeka enenhlanhla ke njengoba nomunye umhleli wezimpi waseMpumalanga naye emhalela. 

Lo mhleli wezimpi, uSifiso Shongwe naye unxenxa uGonya ukuthi azolwa ngaphansi kwesitebela sakhe eMpumalanga.

“Ngiyamazi kakhulu uGonya, uyibhokisa elihlakaniphile. Ngiyamdinga kakhulu,” kusho uShongwe. 

“Ngikhulumile naye kodwa kusabambe ukuthi usebenza eLangeni Hotel. Kukhona  engimhlanganisela khona la eMpumalanga ukuthi azofukula isibhakela sethu njengoba  sifuna amabhande omhlaba.” 

UGonya unyelwa yinyoni esandleni nje ubengasaqhathwa KwaZulu Natal ngenxa yokwehlelwa yizinga ezimpini ezimbili ahlulwa kuzo.

Nokushona kukaThulani Magudulela obengumhleli wezimpi zakhe nobekholelwa kuye. Manje abekho abahleli abakholelwa kuyena ngenxa yezinga lakhe. 

Useke walwela ibhande leWBO ezingeni lomhlaba noZolani Tete. Noma engaphumelelanga kuleyo mpi, kodwa namanje usasho ukuthi indoda ingawa namuhlanje kusasa iphinde ivuke. 

UGonya uthi kumanje usebuyele ejimini futhi usehlala khona ukuzigcina engumqemane. 

Ebuzwa ngalaba bahleli bezimpi abamfunayo, uthe yena ufuna ukushaya isibhakela nokungumdlalo awuthandayo noshintshe impilo yakhe yaba ngcono.

“Ngiyajabula ukuzwa ukuthi khona abantu abakholelwayo kimina abafana noNestor Tobbies. Ngabantu abakhulu esibhakeleni emhlabeni. 

FUNDA NALA: Ususenethini yeKaizer Chiefs omunye ‘ufishi omkhulu’

“Kusho lukhulu kumina uma ngizwa lawo magama angifunayo. Ngiyawadinga kakhulu njengoba nginendlala yezimpi lapha KwaZulu-Natal. Angisalwi nhlobo,” kusho yena.