IPirates ingakuqeda ukutanasa kweDowns, kusho uThabang Monare
Sbongs Gumbi
UThabang Monare ubona sesifikile isikhathi sokuthi i-Orlando Pirates iqede ukuzenzela kweMamelodi Sundowns ebholeni lakuleli, ikakhulukazi kwiDStv Premiership.
Lo mdlali wasesiswini ugcwele ukuyethemba iPirates, egcizelela ukuthi ukuzimisela kwabo kumkhumbuza esakwiBidVest Wits.
Ekhuluma ngale sizini ezayo, uThabang Monare uthi ukholwa wukuthi iqembu abanalo kwiPirates njengamanje lingakwazi ukudla isicoco seligi.
“Nakanjani, singasilwela isicoco seligi ngesizini ezayo,” kusho uThabang Monare kwabeSowetan kuleli viki.
“Leli qembu ligcwele abanqobi… Sibanadlali abanezinhliziyo ezivulekile futhi abazimiselayo. Yilokho esasinakho kwiWits.
“Kuningi okufanayo engikubonayo kulamaqembu,” kwengeza uMonare ongomunye wabadlali abangumgogodla wePirates.
Nokho uMonare uthi kuzomele babe nesineke futhi basebenze ngokuzikhandla zisuka amadaka uma bezophumelela ukuthola lesi sicoco.
Sekuphele iminyaka eyisikhombisa iSundowns izenzela kuso ingaphikiswa muntu. IPirates izamiile ngesizini edlule kodwayaphelela endleleni.
Nokho ikwazile ukuthola izicoco ezimbili – eseMTN8 neseNedbank Cup kanti uThabang Monare uthi lokhu kubalolile impela.
“Sonke sesifuna ukuwina iligi manje. Kuzomele sibe nesineke futhi sizikhandla ngokuphindiwe, yonke into izobe seyenzeka ngokufanele.
“Sinazo zonke izinongo ezidingekayo ukunqoba lesi sicoco,” kuchaza lo mdlali owaqala ukudlala esigabeni esikhokhelayo kwiJomo Cosmos.
UMonare uthi ukuwina yinto esibangene kwiPirates, asebefuna ukuyenza njalo uma besenkundleni.
“Sifuna ukuba ngompetha. Sifuna ukuzibonakalisa futhi manje sesinesisekelo esiqinile njengoba sithole izindebe ezimbili nje.
“Lesi sisekelo sizosinika amandla okuphushela iligi,” kwengeza uMonare. Uzosinda ke nokho umthwalo ngesizini ezayo.
FUNDA NALA: UMduduzi Mdantsane useqalile ukujima neChiefs
IPirates izobe ilwela izindebe ezinhlanu. Izodlala kwiMTN8, Carling Black Label Challenge, Nedbank Cup, DStv Premiership neCaf Champions League.