EzakamuvaIbhola lombhoxo

Kufike ekugcineni kwiBlue Bulls, yamxosha uSbu Nkosi

Sihle Ngubo

IBlue Bulls isigcine imkhombe indlela umdlali wasophondweni wamaBhokobhoko uS’bu Nkosi.

Ngokusho kweBlue Bulls Company bavumelane ngokuyinqamula inkontileka kaNkosi kanti uzoshiya iqembu ngokuphazima kweso.

UNkosi, ohlale ngaphezudlwana kwesizini eyodwa kwiBlue Bulls, akanalo iqembu elisha asayine kulona kodwa uzobe ekhululekile ukujoyina noma yiliphi iqembu alithandayo.

Lokhu kulandela ukungabi kuhle bokudlelwano phakathi kwalo mdlali neBulls ezinyangeni ezedlule.

Ukuphela kabuhlungu kobudlelwano kulandela ukuthi uNkosi ake wanyamalala amaviki amathathu ngonyaka odlule. 

Lokhu kwaholela ekutheni afunwe yonke indawo amaphoyisa nonogada beBlue Bulls ngemuva kokuthi engaziwa ukuthi wayekuphi.

UNkosi wagcina etholakale emzini kayise Emalahleni wabalula ukuthi wayephazamisekile emqondweni. 

Yize kwaba khona ukumeseka lo mdlali, kwaze kwanconywa iBulls ngendlela eyaluphatha ngayo udaba kodwa kwaba khona ingwijikhwebu.

UNkosi wabuyela ekuziqeqesheni neqembu  waze wadlala bebhekene neDHL Stormers. Kodwa ngemuva kwalokho udlale imidlalo embalwa.

Kuvele ukuthi uNkosi ubesehluleka ukuziqeqesha kahle neqembu. IBulls iphinde yamnika amanye amaviki amathathu engadlali ukuze abhekane nodokotela obemsiza bese abuye esengcono. 

Ngokusho kwabanye abaseqenjini uNkosi ubuye sekuphele amaviki amahlanu, okungamaviki angaphezulu ngamabili kulawo ayenikwe wona. Akazange esachaza kwiBulls ukuthi kwenzekeni.

FUNDA NALA: IPirates ingakuqeda ukutanasa kweDowns, kusho uThabang Monare

IBlue Bulls ibone sengathi useyayixhaphaza uNkosi. Kulokhu ababekufakile kuyena – okungaphezulu kuka-R5 million ngesizini – babona bethola okuncane kakhulu.

Ngemuva kwakho konke lokho bese kukhona ukungezwani phakathi kukaNkosi noJake White ongumqondisi weBulls.