Ezakamuva

Kuthungathwa obulale unompempe wePSL

Amaphoyisa aphansi phezulu athungatha isigelekeqe esidubule sabulala obengunompempe wePremier Soccer League (PSL) u-Akhona Ndzingo.

Ngokubika kweSunday World uNdzingo, oneminyaka engu-31, udutshulwe ngoLwesithathu ebusuku esemsebenzini njengoba naye ubeyiphoyisa. Ngesikhathi sesigameko ubehamba nomunye uzakwabo ngemoto yamaphoyisa ngabo 9 ebusuku.

“Amaphoyisa amabili abehamba ngeveni ngesikhathi ebona umuntu othile eqa umgwaqo kuNdabambi Street, Q Block, eKhayelitsha,” kusho isitatimende samaphoyisa.

“Bathe uma besondela lapho lo muntu engene khona phakathi kwemikhukhu, uNdzingo waphuma emotweni yamaphoyisa ezama ukubheka lo msolwa. Ube esevumbuka wase edubula uNdzingo washayeka esifubeni ngakwesokunxele.”

UNdzingo uqale ukuba ngunompempe emidlalweni yePSL eneminyaka engu-26. Amaphoyisa athembise ukuthi azokwenza konke okusemandleni ukuthola le sigilamkhuba esimbulele.

Izigameko zokudutshulwa kwamaphoyisa eKhayelitsha sekuyinto okuhlale kubikwa ngayo njalo nje.