OwePirates ubhoboke ngokulinyazelwa imoto bezodlala neChiefs
Sbongs Gumbi
Imoto saMonnapule Saleng yanqanyulwa ipayipi elihambisa uphethiloli ngoFebhuwari ngesikhathi i-Orlando Pirates ilungiselela umdlalo wayo neKaizer Chiefs.
USaleng akabanga nomdlalo omuhle kulo mdlalo owagcina unqotshwe yiChiefs ngegoli elaba ngumkhonto odla ekhaya lika-Olisa Ndah.
Lo mdlali wasesiswini obevutha engabaselwe kule sizini ephelayo ubhoboke ngalesi sehlakalo sokulinyazelwa imoto athi senzeka la kujimela khona iPirates okokuqala ohlelweni lwaleli qembu.
Ukuveze kwesinye seziqembu zePirates ezibizwa ngeBucs Cap Season 1 ezivezwa kwiSuperSport TV.
“Ngasuka endlini ngiya ejimini ekuseni, ngapaka imoto enkundleni la sizicijela khona,” kusho lo mdlali.
IPirates isebenzisa iRand Stadium njengendawo la iziqeqeshela khona. Okwamangaza uSaleng wukuthi akukho muntu owabona okwenzeka yize kunamakhamera.
“Kwathi uma siqeda ukujima, imoto yami ayangavuma ukuduma. Ngazibuza ngaziphendula ukuthi engabe yini inkinga.
“Ukube le nkinga yayiqale ngisesekhayam ngangingeke ngifike la siziqeqeshela khona. Ngannquma ukuyishiya khona lapho ngabuyela ekhaya.
“Kwathi uma ngibuya ngizoyibheka, ngabona ukuthi ipayipi likaphethiloli linqanyuliwe. Ngesikhathi ngihamba wawungaconsi ndawo.
“Kodwa uma sengibuya sengithi ngizama ukuyidumisa, yila ngabona khona ukuthi isiyavuza.”
Uthi wabe esefobela abalapho ayithenge khona iimoto ebazisa ngale nsumansumane emehlelayo.
“Bafike baqinisekisa ukuthi ipayipi linqanyulwe ngamabomu. Uma ngibuza, akekho owathi kukhona akubonile.
“Yingakho ke lento yangithikameza kakhulu emoyeni ngoba ngangingaqondi kwenzakalani. Ngaleso sikhathi kwakumele siye ekhempini.”
USaleng uthi waya nje kulo mdlalo ngoba ehlonipha umsebenzi kodwa ingqondo yakhe yayingekho esimweni esifanele.
“Ingqondo yami yayingekho nhlobo ekudlaleni. Ngangizibuza ngiziphendula ngokuthi bekuzokwenzekani ukuba imoto yavuma ukuhamba nepayipi elinqanyuliwe.
FUNDA NALA: Ususenethini yeKaizer Chiefs omunye ‘ufishi omkhulu’
“Lesi sehlakalo sajika izinto, sangithikameza emoyeni futhi angangakwazi nokudlala ngendlela efanele.
“Ngangingenawo umdlandla. Ngaya nje ukuyodlala ngoba ngangitsheliwe ukuthi kufanele ngiye,” kuchaza lo mdlali.