EzakamuvaIbhola

AmaTuks afuna ukwenza okuhlula awePremiership kwiDowns

Njengoba iMamelodi Sundowns ingashayeki nje, kwazise ayikahlulwa kwiDStv Premiership, i-University of Pretoria ifuna ukuba ngongom’uyayona, iphoxe labo makhelwane bayo.

Umqeqeshi weTuks, uTlisane Motaung, usezibekele inselelo yokuqumba phansi iqembu elihamba phambili kuleli uma sebebhekene emdlalweni weNedbank Cup eLucas Moripe Stadium ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku. 

ISundowns iqoba kwasani oluvela phambi kwayo kule sizini kodwa lokho akumkhathazi uMotaung, onxuse abadlali bakhe ukuthi bangabi nengcindezi kulo mdlalo. 

AmaTuks yiwona kuphela iqembu elisele esigabeni esiphansi kanti ukunqoba kwiSundowns yinto enzima kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika. 

“Kuzoba nzima ukudlala neqembu elingakaze lihlulwe emdlalweni kule sizini (kwiligi). 

“Siyazi, abadlali bayabona futhi wonke umuntu uyabona,” kusho uMotaung kwabezindaba kuleli sonto.

“Ekugcineni kosuku, umsebenzi. Kufanele siye kulo mdlalo, silwe ukuze siqiniseke ukuthi sifunda okuningi. 

“Futhi siyazihlola njengeqembu ukuze sithi, ingabe sinakho okudingekayo ukuze siqhudelane neqembu elihamba phambili ezwenikazi?

“Ukusuka lapho, sizobuyela emuva sibheke izinto ezithile okufanele sizithuthukise noma sithi sikutholile okudingekayo kuye ngemiphumela yalo mdlalo.”

ISundowns isanda kuveza emidlalweni edlule ukuthi noma ngabe umdlalo uyayisinda, iyakwazi ukuthola indlela yokunqoba. 

“Into eyodwa ngeSundowns, noma idlala kanjani, imiphumela ingayithola noma kanjani,” kusho uMotaung. 

“Ngakho-ke, umuntu kufanele akuqaphele lokho. Akumele babe sezingeni eliphezulu ukuze bawine imidlalo.

“Yebo, mhlawumbe amagoli abawashayi kakhulu muva nje, kodwa bayiqembu elingavele likujikele esiswini noma nini. Kumele sikuqaphe lokho.” 

Uzakwabo weSundowns, uRulani Mokwena yena ugcizelele isidingo sokuhlonipha AmaTuks kulo mdlalo, wathi ulindele inselelo enzima kuwona.