U-Aaron Mokoena uveza isifiso sakhe ngeBafana
Sbongs Gumbi
Wayaziwa ngelikaMbazo ngezikhathi zakhe ngenxa yokuthi wayeluqinisa unyawo u-Aaron Mokoena ngesikhathi engukaputeni weBafana Bafana, manje usefuna ukubuya ezoqeqesha kuleli qembu.
U-Aaron Mokoena waqala ibhola elikhokhelayo esengufana omncane kwiJomo Cosmos futhi waba ngukaputeni weBafana eseneminyaka engu-17 nje kuphela.
Nguye owayegqoke ibhande ngo-2010 ngesikhathi iBafana idlala eNdebeni yoMhlaba kuleli ngo-2010. Wadlala isikhathi eside phesheya kwezilwandle.
Uthi manje sekuyisikhathi sokuthi adlulisele ulwazi aluzuzile kule minyaka engumdlali kubadlali abasebancane.
“Ngamava esinayo (njengabantu ababedlala kudala) sifuna ukubuyisela ulwazi emuva,” kusho u-Aaron Mokoena kwabezindaba kuleli viki.
“Sifuna ukungena ekuqeqesheni. Ngifuna ukuba ngumqeqeshi. Ngifisa ukuba weqembu lesizwe, yingakho sengiziqalile izifundo zokuqeqesha.”
Uthi ngoba bona bazokwazi ukukhuluma nabadlali abasebancane ngolimi abaluqonda kangcono nabaluncela ebeleni ubona bezophumelela.
“Ngikholwa wukuthi esikutshela abadlali kubalulekile, sikhuluma ulimi olulodwa. Sizobe sibafundisa esikufundisiwe nathi.
“Kumele sithole indlela efanele yokudlulisa lolu lwazi esinalo, engicabanga ukuthi yiyonanto edingekayo.
“Kumele sibuye namava ethu sizowatshala kwabasakhula,” kugcizelela uMbazo oke wagijima futhi waba ngukaputeni kwiBlackburn Rovers e-England.
Ngaleso sikhathi leli qembu lalidlala kwi-English Premier League. Uke wadlala naseGermany, Netherlands naseBelgium.
Amakhokho uwabeke ethala esedlala kwiBidvest Wits kuleli. Useke wasebenza njengephini lomqeqeshi kwiCape Town City.
Nokho wahlala izinyangana ezimbalwa njengoba afika kuyo ngoJanuwari ka-2021, wahamba ngoMeyi wonyaka ofanayo.
Yize efuna ukungena ekuqeqesheni, uthi ngeke aqeqeshi amaqembu adlala kumaligi, ufuna awesizwe adlala emidlalweni yamazwe ngamazwe.
“Angiziboni ngisekilabhini. Ngicabanga ukuthi kumele sikhuthaze abadlali abasebancane – kuyo yonke imikhakha – ukuthi bazibeke izinto ezinkulu.
FUNDA NALA: IChiefs seyijikele kumdlali weRoyal AM ukuqinisa esiswini
“Kumele bafune ukumela izwe, bafune ukuphuma kuleli beyodlala kwamanye amazwe. Mina ngikholwa wukuthi ukuze ubesezingeni, kumele uncintisane nabantu abasezingeni, uhlule bona.”