Kuhlongozwa uguquko emiqhudelwaneni yeCaf
Sekuvele imibiko ethi inhlangano eyengamele ibhola lase-Afrika, iConfederation of African Football, (iCaf) ihlela ukujika imiqhudelwano yayo yakilabhu ngesizini ezayo.
Ngokwale mibiko, i-African Football League (AFL) yiyona esizoba wumqhudelwano omkhulu wamakilabhu e-Afrika.
Lo mqhudelwano uqalwe kule sizini kanti udlale inyanga eyodwa yiqoqo lamaqembu akhetehkile abengene ngokumenywa kuwo.
Kodwa manje seyizoba namaqembu amaningi – wonke amaqembu azonqoba izicoco noma azongena kwiCaf Champions League asezodlala i-AFL.
IChampions League nayo izoqhubeka, kodwa isizodlalwa amaqembu azobe engene kwiCaf Confederation Cup yona esizophela.
Kuzokwengezwa nesibalo zamaqembu azodlala kwiChampions League futhi amaqembu ahluleke kwi-AFL ngeke esehlela kuyo.
I-AFL izoqala ngesizini ezayo kanti iqembu elizoyinqoba yilo eliyomela i-Afrika kwi-FIFA Club World Cup.
FUNDA NALA: Isinqumo seChippa ngenkundla yoweNedbank Cup
Idlalwa okokuqala i-AFL, inqotshwe yiqembu lakuleli, iMamelodi Sundowns okumanje isibheke ukuba yiqembu lokugcina ukunqoba iChampions League isadlalwa ngohlelo ekulo manje.