Uzifakele ‘isichitho’ u-Nabi ngokukhuluma nabezindaba ngeChiefs?
Njabulo Shezi
Ukuqinisekisa izindaba iqembu elingakazidaluli kungenzeka kube yisichitho esizodikibalisa iKaizer Chiefs kuNasreddine Nabi.
Lo mqeqeshi waseTunisia ukhulume nabeohephandaba langeSonto, wavuma ukuthi izingxoxi zikhona phakathi kwakhe neChiefs futhi sekusele kancane kuvunyelwane.
Imithombo esondelene neqembu ithi lokhu kungaba yisichitho ngoba iqembu alithandi kuvezwe izindaba zalo esidlangalaleni ngaphandle kwemvume yalo.
“Kuzokwenzakalani uma kuwukuthi u(Arthur) Zwane ubengakatshelwa ngokusemthethweni ukuthi iqembu licinga omunye umqeqeshi?
“Uzokhumbula ukuthi iqembu lona alikasho lutho ngalokhu. Kusengabezindaba nje ababika ngakho,” kusho umthombo.
Lo mthombo uphinde wenza isibonelo ngokwenzeka komunye umqeqeshi waseTunisia owaphahluka kwabezindaba iChiefs yamyeka kanjalo.
“Uyakhumbula indaba ka-Adel Amrouche yaphela kanjani? Naye wayexoxa neChiefs futhi sekusondele ukuthi kuvunyelwane.
“Yena wabe esegijimela kwabezindaba eyosho ukuthi yini azoyenza kwiChiefs, iqembu lamduba, lamyeka kanjalo.
“NoNasreddine Nabi usenze isono esifanayo, sizoke sibone ke ukuthi yena kuzokwenzekani ngaye.
“Kodwa mina ngeke ngithuke uma egcina engasafikanga futhi iqembu likuphike kwakuthi like lamfuna,” kuchaza lo mthombo.
Kuzokhumbuleka ke ukuthi kuvele kuwumgomo walamaqembu amakhulu aseSoweto ukungathandi ukuthi kube ngabanye abantu abaveza izindaba zawo.
Muva nje uTim Sukazi weTS Galaxy wenqabile ukuqinisekisa ukuthi uwadayisele abadlali yize akuveza ukuthi bona bayahamba.
Umdlali wasemuva uGiven Msimango kuthiwa umdayisele iChiefs kanti unozinti uMelusi Buthelezi umdayise kwiPirates.
Kodwa uthe ngeke akhulume ngalokho ngoba ufuna kube yiwo amaqembu akumemezelayo lokho.
FUNDA NALA: UCraig Martin akabuyanga ejimini yePirates ngemuva kwekhefu
IPirates nayo icishe yamyeka umgadli waseCameroon uSuaibou Marou kulandela ukuthi iqembu lakhe iCoton Sport lifake kwabezindaba ukuthi selimdayisile nokuthi lithole malini ngaye.