EzakamuvaIbhola

BUKA: Nakhu okususe izinsolo zobuthakathi beGalaxy

Usolwe ngobuthakathi qede waduba umqeqeshi weJwaneng Galaxy, uMorena Ramoreboli futhi uyanconywa ngalesi senzo sakhe. 

URamoreboli uqale wakhuza ngesikhathi izintatheli zaseMorocco zisola iqembu lakhe ngokusebenzisa umuthi. 

Lokhu bekulandela ukuthi ezikaRamoreboli zivulele induku ebingalindelwe muntu kwiWydad Athletic emdlalweni weCaf Champions League ngoMgqibelo. 

Lo mqeqeshi ukhale ngokuthi uyeyiswa uma kuthiwa iqembu lakhe liwine ngenxa yomuthi, hhayi ukuthi lisebenza kanzima. 

Kodwa manje sekuvele ividiyo eveza ukuthi zisukaphi lezi zinsolo zokuthi iGalaxy inekhubalo elinzima. 

Kule video kubonakala abadlali beGalaxy beya ekhoneni ngemuva kokuqeda ukuzivocavoca belungiselela ukuqala komdlalo. 

Uma befika ekhoneni, oyedwa uyaguqa laba abanye bamsingathe sakumsitheza ukuthi kungabonakali akwenzayo. 

Ngaleso sikhathi lo oguqe phansi ube esethela okuthile okubukela kungamanzi ekhoneni. 

Ngesikhathi enza lokhu, abalandeli beWydad bayahhahhama bezwakalisa ukukhalaza ngalento abayenzayo.

Kodwa abadlali beGalaxy bayakuziba lokho, belokhu bebashayela izandla lo ochitha ‘umuthi’ ebe eqhubeka naye. Buka nayi ividiyo ngezansi: