Umqeqeshi weSundowns ugxeka iqembu ngamaphutha koweChampions League
SIHLE NGUBO
Ugxeka iqembu lakhe ngamaphutha umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, kulandela ukubambana ngo 2-2 ne-Al Hilal SC, emdlalweni weCAF Champions League, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesihlanu ebusuku.
Abafana Ba’Style bakhe inqwaba yamathuba kulo mdlalo kodwa bagcina bethole iphuzu elilodwa kuphela, nokuyinto engehli kahle kuCardoso.
ISundowns isazihola phambili kwilogi kaGroup C ngamaphuzu amahlanu njengoba isalelwe imidlalo emithathu kweyamaqoqo yeChampions League.
UCardoso unengcindezi enkulu njengoba abalandeli beSundowns bengasayizwa nhlobo indaba yakhe, befuna ahambe.
Lokhu kuhlale obala okwempahla yembuzi ngesikhathi abalandeli baleli qembu behlasela uFlemming Berg, oyiSporting Director yeqembu, ngemuva komdlalo weChampions League ngoLwesihlanu.
Bakholwa ukuthi uyena ovimbe ukuthi kuxoshwe uCardoso abangasamfuni eqenjini, kanti bafuna kubuye uPitso Mosimane owake wenza izimanga kwiSundowns esayiqeqesha.
“Ngebhadi into esingakhononda ngayo yithina. Amathuba angaka esiwakhile kodwa sangakwazi ukushaya igoli,” kusho uCardoso ngemuva komdlalo.
“Ngicabanga ukuthi bangene ebhokisini lethu kwaba kabili kuphela, bashaya amagoli.
“Ukunganaki kakhulu lokho kubadlali bethu basemuva. Leli yizinga lebhola ongeke wenze amaphutha anje.
“Besinamathuba abaningi ngokwanele ukugoqa lo mdlalo, sidinga ukwenza kahle ebhokisini.
“Sidlale kahle kunabo, besiwuphethe umdlalo futhi sakhe amathuba enele ukunqoba. Akukho okungaphezulu kwalokho emdlalweni ngaphandle kwalezo zimo.”
“Iqembu lidlale ngendlela obekumele lidlale ngayo. Besazi ukuthi kumele siqaphele siphinde sibe nesineke, ukuze sithole amathuba okushaya amagoli. Sifike sahamba phambili kodwa sadedela igoli kalula kunjalo…”
Amagoli eSundowns ashaywe u-Arthur Sales noTeboho Mokoena ngesiwombe ngasinye ngokwehlukana kwabo.

