IChiefs izokwenza imali enhle ngomdlali emsayine mahhala
Isethubeni lokwenza izindodla zemali iKaizer Chiefs ngomdlali emsayine mahhala njengoba sekuvele izinkunzi zase-Egypt ezifuna ukumthenga.
U-Edson Castillo ubengaziwa kuleli ngesikhathi iChiefs imlanda eVenezuela futhi abaningi babecabanga ukuthi ishaye eceleni.
Kodwa lo mdlali usekhombise ukuba sezingeni elifanele futhi usengomunye wabadlali okwakhelwa phezu kwabo.
Nokho sekungenzeka iphoqeleke ukumdedela njengoba sekunemibiko yokuthi iZamalek SC yase-Egypt iyamfuna.
Ngokombiko weSoccer-Laduma, iChiefs ibheke ukuba iqembu elifuna uCastillo likhiphe okungenani uR-40-million.
“Kubukeka iZamalek izimisele okwangempela ngo-Edson (Castillo),” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Iqale ngokulokhu imlandela, ibuza nanganye kodwa manje seyiye ngqo kwiChiefs iyokhuluma indaba yokudayiselana.
“Okwamanje iZamalek seyivelile eNaturena, sekusele kuyo iChiefs ukuthi yenza njani ngalesi sicelo esifikile.”
UCastillo ubengekho emdlalweni odlule weChiefs njengoba ebemisiwe kulandela ukuqokelela amakhadi aphuzi aze abe mane.
Kulindeleke abuye ngoLwesibili ebusuku uma seyibhekene neStellenbosch FC eFNB Stadium.
FUNDA NALA: IPirates izolahlekelwa esinye isithandwa sabalandeli
Lamaqembu azobe egadulisana emdlalweni weDStv Premiership. Umdlalo uqala ngo-7.30 ebusuku.