‘Isewusana’ iCrystal Lake efuna ukuduma ngePirates
Kusaphele izinyanga eziyisikhombisa nje vo i-Crystal Lake, iqembu elisungulwe nguMnuz Elijah Mhlanga, okhulumela uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo.
Kodwa leli qembu labadlali abasebancane nabakhuliswayo linethuba lokwenza ezibukwayo kwiNedbank Cup.
I-Crystal Lake izodudulana ne-Orlando Pirates emdlalweni womzuliswano wokuqala kulo mwhudelwano eMbombela Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
IPirates kudingeke ukuthi ilinde ngaphambi kokwazi imbangi yayo kwiNedbank Cup.
Lokhu bekungenxa yombango obuphakathi kweCrystal Lake neMiddleburg United ngokuthi yimuphi kubo ozodlala neBucs.
Ingxabano yasuka emdlalweni wokuhlunga owanqotshwa yiCrystal Lake ngo 1-0 kodwa kwanesikhalo ngobhucunga abadlali ukuthi ubesenkundleni kodwa engabhalisiwe ngendlela efanele.
Nokho isinqumo sesigungu esilamula amacala seSafa sigcine sivune leli qembu laseBushbuckridge elidalla kwiSafa Ehlanzeni.
Ukufika kulesi sigaba esikhathini esincane kangaka leli qembu lisunguliwe yimpumelelo enkulu, ngokusho kukaMhlanga.
“Leli thuba lokuzibonakalisa kwabafana bethu yinto ebesiyidinga kakhulu,” kusho uMhlanga ekhuluma neSowetan.
“Inhloso yeqembu akukhona ukwenza imali, kodwa wukwakhela abantu abasebancane amathuba.
“Mhlawumbe ngelinye ilanga kuyoqhamuka oyosisiza. Kodwa okwamanje iminikelo yabangani nomndeni esiqhubayo kulezi zinyanga eziyisikhombisa.
“Kuzima kakhulu, kodwa ukuzinikela kwalaba bafana kuyamangalisa,” kuchaza uMhlanga.
Uthe njengoba bezobhekana nePirates sebekhempe amasonto amabili bezilungiselela kahle.
“Iqembu belisekhempini futhi lidlale nemidlalo yokuzizwa amandla namaqembu amaligi ehlukene ukuzilungiselela.”
UMhlanga uthe babukela kwiDondol Stars eyafika esigabeni sama-quarterfinals kwiNedbank Cup ngesizini edlule.
Ngokuqondana kwezinto, iDondol yawashiswa ijezi yiPirates kwiNedbanok Cup yize yayize ngenkulu inkani.
“IDondol idlala esigabeni esingaphezulu kunesethu okuyi-ABC Motsepe League.
FUNDA NALA: Kuxoshwe isikhulu esigxeke uKhama Billiat
“ICrystal Lake ihlule iqembu elidlala kwi-ABC Motsepe League (Miiddleburg) ukuze ifike kulo mzuliswano ekuwo. Yinto enkulu leyo.”