U-Arthur Zwane nesixazululo ngomqeqeshi ofunwa yiChiefs
Njabulo Shezi
Njengoba kuvela ukuthi izingxoxo zeKaizer Chiefs nomqeqeshi efuna azocija leli qembu zinezihibe, kuthiwa u-Arthur Zwane usebeke isisombululo etafuleni.
U-Arthur Zwane nguye obeqeqesha leli qembu ngesizini edlule kanti yize engenzanga kabi kangako, isizini iphele engasafunwa ngabalandeli.
Bafake ingcindezi kubaphathi beqembu ukuthi bathole omunye uumqeqeshi ngoba bebona umfo kaMangethe engeke alise ndawo iqembu.
Nokho imizamo yokuthola omunye umqeqeshi ibonakala ihamba ngonyawo lonwabu. Bekuke kwavela ukuthi sekusele kancane imthole uNasreddine Nabi.
Lo mqeqeshi ubekwiYoung Africans eTanzania kula masizini amabili edlule futhi wenze umsebenzi omuhle kakhulu.
Kodwa isihibe okuthiwa sesivimbile wukuthi ufuna ukufika nethimba lakhe liphelele labasizi ekubeni iChiefs ifuna np-Arthur Zwane abe yingxenye yalo.
Nokho ukukhuluma nabezindaba kukaNabi ngempelasonto kuthiwa sekumakhele isigcwagcwa njengoba iqembu belingafuni izindaba zalo zigcwale kwabezindaba zingakakhishwa yilo.
Kodwa ke u-Arthu Zwane kuthiwa utshele abaphathi emhlanganweni wakamuva ukuthi yena uzimisele ukusebenzisana nanoma yimuphi umqeqeshi abamtholayo.
Ngokubika kwabeFar Post, kuthiwa uthi uyabona ukuthi lo msebenzi mkhulu ukwedlula yena ngakho ngeke azibeke phambili.
“U-Arthur ukholwa wukuthi mkhulu lo msebenzi ngakho ubeka iqembu phambili,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Ubatshelile abaphathi ukuthi yena uvulelekile ukusebenzisana nanoma yimuphi umqeqeshi,” kusho lo mthombo.
FUNDA NALA: Ushaywa ngomzimba uHappy Jele kwiRoyal AM
Njengoba ziqhubeka izinhlelo zokuthola omunye umqeqeshi, kuvela ukuthi kwabona abaphathi behlukene phakathi.
Abanye bafisa uZwane anikwe elinye ithuba kubonakale ukuthi akakhuli yini enze kangcono kunangesizini edlule.