EzakamuvaIbhola

UMBONO: IChiefs igembulile ngoMolefi Ntseki, kodwa…

Sbongs Gumbi

Isinqumo seKaizer Chiefs sokuqoka uMolefi Ntseki njengomqeqeshi wayo njengoba kuyiwa kwisizini ezayo, sishiye abalandeli nabahlaziyi abaningi bengabaza ngokuzimisela kwaleli qembu. 

Ngaphambi kokuthi abeke unyawo ezinkundleni zokuzilolonga eNaturena, uNtseki usevele ugxekiwe, abalandeli bezwakalisa ukungabaza ikhono lakhe lokuhola leli qembu ngempumelelo.

Lokhu kuqokwa okungagculisi kwehlise ithemba lempumelelo kubalandeli, futhi akukhona lokho obekulindelwe. 

Kuqashwa uMolefi Ntseki nje bekubhekwe ukuthi kuqashwe umqeqeshi onegama njengoba bekuvela ukuthi iqembu likhuluma nabaqeqeshi abehlukene obekukhona kubo noNasreddine Nabi. 

Ukuvela kwegama likaNabi kwenza abalandeli bajabula futhi baba nethemba ngoba une-CV enhle nerekhodi lempumelelo. 

Le nselelo ebhekene neMolefi Ntseki kwiChiefs ayiwona umsebenzi omncane. Njengomqeqeshi welinye lamaqembu ebhola azigqaja ngomlando wempulelo, uzoba nengcindezi enkulu yokuletha imiphumela.

Abalandeli beqembu abafuni lutho ngaphandle kokwenza kahle, futhi noma yikuphi okungahambi kahle kuzogxekwa kakhulu. 

UNtseki usevele enengcindezi enkulu

Yize uNtseki eke wasebenza kwiSouth African Football Association (Safa), okuhlanganisa nokuba ngumqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana, irekhodi lakhe alenzi lutho ukudambisa ukukhathazeka kwabalandeli. 

Ngesikhathi esaqeqesha iBafana, wahluleka wukuyifaka kwiCaf Africa Cup of Nations ka-2021. Lokhu kwaphakamisa imibuzo mayelana nobuchule nekhono lakhe lokuqeqesha ezingeni eliphezulu. 

Ukubamba kwakhe kwiChiefs njengenhloko yentsha nokuthuthukiswa kwabaqeqeshi  akusho ukuthi uzophumelela njengomqeqeshi waleli qembu.

Ukuze aphumelele kulesi sikhundla esinzima, uNtseki uzodinga ukushaya phansi ngonyawo. Kufanele asheshe akhe ubuhlobo obuqinile nabadlali, afake umqondo wokuwina eqenjini, futhi abe namacebo aphusile okudlala. 

Kufanele amelane nengcindezi yokuqeqesha iqembu elinabalandeli abaningi nomlando onothile. 

Inkulu inselelo abhekene nayo, kanti isikhathi yiso esizosho ukuthi unazo yini izimfanelo ezidingekayo ukuze iKaizer Chiefs ibuyele esicongweni.

FUNDA NALA: UChivaviro uyilokhu ayikho manje ngamacebo ami – Malesela

Ngikholwa ukuthi uzophumelela. Unobuntu futhi ubukeka engumuntu ozokwazi ukwenza abadlali bakhululeke, afane nobaba kubo. 

Noma ekhuluma uyathembisa. Kodwa konke lokho kumele akuqinise ngemiphumela emihle. 

Leyo miphumela kumele nakanjani iqale ngokunqoba uma esebhekene neCape Town City emdlalweni wokuqala wesizini entsha.