IGallants imkhomba kwiChiefs uRanga Chivaviro, okusha ngoHlanti
Sbongs Gumbi
Oguqukweni obelungalindelekile ngoLwesihlanu ntambama, iMarumo Gallants isiveze ukuthi uRanga Chivaviro uya kwiKaizer Chiefs ngesizini ezayo.
Ukuqageka ngekusasa likaChivaviro bekulokhu kuqale kulandela ukuba kwakhe nesizini enhle njengoba lo mgadli eshaye amagoli angu-17 kuyo yonke imiqhudelwano.
Impempe nokho ingakudalula ukuthi mancane amathuba okuthi iChiefs imethule uRanga Chivaviro njengoba iRichards Bay isalwa ithi ngowayo.
Leli qembu laKwaZulu-Natal lithi lisayinise lo mgadli oneminyaka engu-30 ngenkontileka yesethembiso ngoJanuwari futhi yilo elinemvume yokumsayina.
Kodwa iGallants imile kwelokuthi isebenzise ilungelo layo lokuvuselela inkontileka yakhe ngaphambi kokuthi kusayinwe leyo nkontileka yeRichards Bay.
Lolu daba luzofakwa enkantolo ye-PSL yokuxazulula izingxabano maduze. Khonamanjalo iChiefs ikhombise ukumethemba uS’fiso Hlanti, imemezela ukuthi iyelule inkontileka yakhe, yengeza omunye unyaka.
Ngokusho kweqembu, inkontileka entsha nayo inombandela wokuyelula ngomunye unyaka ekupheleni kwesizini.
UHlanti, 33, ujoyine iChiefs ngoJulayi 2021 ngemuva kokuhlala isikhashana kwiSwallows FC ngesikhathi leli qembu laseNaturena liqeda isigwebo salo sokungasayini abadlali.
Umqondisi wezemidlalo kwiChiefs, uKaizer Motaung Junior uzwakalise ukwaneliseka ngokwelulelwa kukaHlanti inkontileka.
“Siyajabula ukuthi sivumelene ngokunwetshwa kwenkontileka noS’fiso,” kusho uMotaung Jr ngoLwesihlanu ntambama.
UHlanti ubalulekile, kusho uMotaung Jr
“Uyilungu elibalulekile leqembu, uma kubhekwa isipiliyoni nekhono analo. Sibheke ngabomvu ukumbona eqhubeka nokusebenza kanzima kwakhe nokwabelana ngolwazi lwakhe nabadlali abancane esinabo eqenjini.”
UHlanti uke wahlushwa ukulimala kodwa ukwazile ukuhlala engalimele ngesizini edlule, elekelela ukuzinzisa iqembu emuva aphinde asize uma kuhlaselwa.
FUNDA NALA: Uveza okusha ngoMphahlele umengameli waMaZulu
UHlanti kulindeleke ukuthi athathe umsebenzi wobuholi ngaphansi komqeqeshi omusha uMolefi Ntseki oqokwe kuleli sonto. Bake basebenza ndawonye phambilini kwiBafana Bafana.