EzakamuvaiNedbank Cup

Unozinti wesonto kwiNedbank Cup, uHleza udlale ugulelwa ugogo

Uma kuliqiniso ukuthi uma kukhulunywa ngawe ulunywa yindlebe, kufanele ukuba uSiphamandla Hleza usefisa ukuzikhumula ezakhe azibeke eceleni.

Phela lo nozinti ungundabuzekwayo njengamanje, kukhulunywa ngaye cishe yonke indawo lapho kukhulunywa khona ngebhola kuleli. 

USiphamandla Hleza ugile izimanga echitha imizamo yeKaizer Chiefs yokuthola igoli – waze wavimba nephenathi kaRanga Chivaviro. 

Ubuqhawe bukaHleza yibo obuwashiwe iChiefs ijezi emzuliswaneni wokuqala kwiNedbank Cup. 

Indlela avimbe kahle ngayo uSiphamandla Hleza uze wafakwa eqenjini leSonto leNedbank Cup. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uHleza uveze ukuthi ubegila izimanga nje ugulelwa ugogo wakhe ekhaya. 

“Ngiqale ngokubonga ukwesekwa wusihlalo, ngibonge uNkulunkulu ngethalente… 

“Ngicabanga ukuthi umdlalo wanamuhla bewusigqugquzela ngoba besibhekene neKaizer Chiefs. 

“Siyayazi, sihlezi siyibuka nsukuzonke,” kusho uSiphamandla Hleza ngemuva komdlalo. 

“Into eke yacishe yasiphazamisa umdlalo usaqala wukuthi bayashesha phambili kanti thina siyiqembu elithanda ukuqala iminyakazo emuva.

“Ngakho besazi ukuthi uma beqala umnyakazo bazosijaha, bebesihlupha bona kodwa bekumele sikholelwe kwesikwenzayo siyiMilford. 

“Isalukazi sami ekhaya, engathi uNkulkunkulu engasisiza silulame. Konke okwenzeke namuhla bekungeyona intando yami, kodw aintando kaJehova.

“Engathi engalulama (ngokushesha ugogo),” kuphetha lo mdlali osezakhele igama ebholeni lakuleli. 

I-Orlando Pirates, engompetha abavikela le ndebe futhi enqobe ngo 6-0 emdlalweni wayo, iyona enabadlali abaningi kuleli qembu. 

EZimnyama zinabadlali abane abaqokwe kuleli qembu okungoTapelo Xoki, Thabiso Monyane, Patrick Maswanganyi noKarim Kimvuidi. 

Ezintini kukona uSiphamandla Hleza. Emuva kukhona uXoki, Monyane noRiaan Hanamub waMaZulu FC. 

Esiswini kukhona uKimvuidi, Shandre Campbell weSuperSport United, Lebogang Maboe weMamelodi Sundowns noMaswanganyi.

Phambili kuqokwe oThulani Gumede weRichards Bay, Lehlohonolo Mojela weTS Galaxy noGaston Sirino weSundowns.