Uncategorized

Uveza okusha ngoMphahlele umengameli waMaZulu

Intatheli yeMpempe

Umengameli waMaZulu FC, uSandile Zungu, usedalule ezinye izinguquko njengoba iqembu lilungiselela isizini etsha. 

Usuthu lwamukele umqeqeshi walo omusha uFablo Martin ngemfudumalo esikhumulweni sezindiza iKing Shaka International Airport ngoLwesine. 

Kulapho umengameli weqembu ethole ithuba lokuphendula imibuzo mayelana nezinguquko ethimbeni labaqeqeshi nakubadlali, ngokubika kwabeSABC Sport. 

USboniso “Nini” Vilakazi nguyena ozoba yiphini lomqeqeshi imusha kanti elesibili lizokwethulwa maduze nje. 

“Siqoke uSboniso Vilakazi njengomunye wamaphini omqeqeshi wethu, omunye uzokwethulwa maduze,” kusho uZungu.

UZungu uphinde waqinisekisa nokusayinwa kukaVictor Letsoalo osuka kwiSekhukune United.  Bakhona nabanye abadlali okubhekwe basayinwe yileli qembu.

“Sisayinise uVictor Letsoalo osuka kwiSekhukhune United ngesivumelwano sokushintshana ngoRally Bwalya. URamahlwe Mphahlele welule inkontileka yakhe neqembu,” kucacisa umengameli woSuthu. 

Kuzokhumbuleka ke ukuthi uMphahlele ungomunye wabadlali obekuke kwavela ukuthi bayachithwa kuleli qembu. 

Nababazochithwa kubhekwe ngabomvu ukuthi bamenyezelwe. Leli qembu lathi lizonika umqeqeshi omusha ithuba lokubabona abadlali ngaphambi kokuhlonza abazogxalwa. 

Leli qembu laseThekwini kulindeleke nokuthi liphothule umkhankaso walo wokuthungatha ozoba ngumqondisi wezemidlalo. 

Kubantu okuveka ukuthi sebeke baba nenhlolokhono neqembu ngalokhu ngoSudesh Singh, Maximilian Stumpf, Kabelo Bosilong noShaun Bishop. 

Esinye isikhundla leli qembu elifuna umuntu ozosivala ngesozokhulumela iqembu. Isikhangiso salo msebenzi sikhishwe ngeviki elidlule. 

Sasala singenamuntu ngemuva kokuxoshwa kukaPhumlani Dube kulandela izinsolo zokuthi washaya owesifazane abesebenza naye kulo leli qembu.

FUNDA NALA: ULebo Manyama usememezele ukuthi uyaliyeka ibhola

Waziphika lezi zinsolo, wathi lo wesifazane nguye owayezama ukuhlasela yena wabe esewa ngenxa yokuthi wayeqhuba imbuzi. 

Wabe eseveza ukuthi vele ke utshwala bebuyisiko kuleli qembu njengoba bekudakwa cishe wonke umuntu uma kunemicimbi yeqembu.