EzakamuvaIbhola

Ufika nesinongo sikaDi Maria uLesiba Nku kwiSundowns

Njabulo Shezi

Umdlali omusha weMamelodi Sundowns emxebule kwiMarumo Gallants ephenduke umkhoma ngemuva kokudliwa yizembe, uLesiba Nku useveze okusha eza nakho kuleli qembu. 

Wazi kahle ke uLesiba Nku ukuthi ithalente yinqwaba kwiSundowns futhi uma ungazinikeli ugcina ngokuyibuka kwithelevishini idlala ube ungumdlali wayo. 

Yingakho ke ethembise ukuthi uzozikhandla ukuze akwazi ukudlala njengamaqhawe akhe o-Angel Di Maria noRiyaad Mahrez. 

“Ngijabule ngokuba lana. Yinto engenza ngibenentokozo enkulu. Kukude lapha uma usuka ePolokwane (kwiGallants),” kusho uLesiba Nku ekhuluma nabeSundowns. 

“Yiqembu elikhulu leli. Kuningi okusuke kubhekwe kuwe uma ufika kulo. Mina njengomdlali kumele ngingene eq enjini, ngidlale kahle kuyo yonke imidlalo. 

“Lapha kumele ulilwele nsuku zonke ijezi,” kucacisa lo mdlali oneminyaka engu-27 odlala esiswini ophikweni lwesikudla.

“Kumele umuntu asebenze ngokuzikhandla, asikho isikhathi sokutetema lana, futhi ngijabule ukuthi sengigcine ngifikile. 

“Ngithanda ukudlala ophikweni njengo-Angel Di Maria noRiyaad Mahrez. KwiMarumo ngicabanga ukuthi ngikwazile ukunyusa ukuzethemba.”

UNku, ofike esigabeni esandulela owamanqamu kwiCaf Confederation Cup neGallants, uthi uzele izicoco kwiSundowns.  

“Uyafunda kubadlali abanegama kunawe bese uyakhula. Manje sengifuna ukuwina iligi neChampions League, ngifuna izindondo.

FUNDA: Uzisikela kwelinonile u-Andile Mpisane, ufuna izihlabani zeBucs neDowns

“KwiSundiwns ngicabanga ukuthi ngifuna ukuzuza izinto ezinkulu, ngizozinikela. Ngizohlezi ngenza okusemandleni.” 

Kuzomele azibambe ziqine ke uLesiba Nku ngoba kwiSundowns akekho umdlali onendawo okuthiwa udlala yona kuphela ngaphandle konozinti.