EzakamuvaIbhola

‘UNtseki uzobageza igilo abamngabazayo,’ kusho uClinton Larsen 

Sbongs Gumbi

Omunye wabaqeqeshi abanegama ebheleni elikhokhelayo kuleli, uClinton Larsen usezwakalise ukukholelwa kwakhe ekutheni uMolefi Ntseki uzophumelela njengomqeqeshi weKaizer Chiefs.

UClinton Larsen ukhuluma kanjena nje abalandeli beChiefs bezwakalise ukungenami kwabo ngokuqokwa kukaNtseki. 

Bakhala ikakhulukazi ngokuthi akanawo amava anele njengomqeqeshi esigabeni esiphezulu ukuthi usenganikwa lo msebenzi omkhulu kangaka. 

UNtseki, owayengumqeqeshi weBafana Bafana, wethulwe njengomqeqeshi omusha weChiefs ekuqaleni kwaleli sonto. Uzosizwa u-Arthur Zwane noDillon Sheppard.

Abalandeli nokho bebelindele umqeqeshi osezingeni eliphezulu oqhamuka phesheya. 

Lokhu kungenxa yokuthi imibiko yabezindaba beyiveze ukuthi iqembu lixoxisana nabaqeqeshi abasezingeni eliphezulu abavela kwamanye amazwe. 

Lesi simemezelo sishiye abanye abalandeli bezizwa bedangele. Nokho, uLarsen, osenesikhathi eqeqesha emaqenjini ahlukene okubalwa iChippa United nePolokwane City, ukholwa wukuthi uNtseki uzobageza ubebebe abamngabazayo. 

“Asingimangazanga isinqumo seChiefs sokuqoka uNtseki njengomqeqeshi,” kusho uLarsen engxoxweni abe nayo neMetro FM ngoLwesine.

“Ungumqeqeshi onolwazi, ngokwesekwa okufanele, angakwazi ukuletha okungaphezulu kokulindelwe kuye.”

UClinton Larsen ugcizelele ukuthi ikhono likaNtseki lokukhuthaza abadlali, enze kube nomoya omnandi eqenjini yilo elizomsiza. 

“Isitayela sakhe sokuphatha sihlezi singihlaba umxhwele. Angingabazi ukuthi uNtseki uzodala isimo esihle kwiChiefs.” 

ULarsen uqhube wathi uNtseki uzokwethula uhlobo lwebhola elihle, elisheshayo nelihlaselayo kwiChiefs.

UNtseki udlala ibhola elihlaselayo, kusho uLarsen

Yize kunokungabaza ngokuqokwa kukaNtseki, uLarsen ucele ukuthi anikwe ithuba, abekezelelwe. 

Unxuse abamgxekayo ukuthi bangamehluleli uNtseki engakawuqali nakuwuqala lo msebenzi anikwe wona. 

FUNDA NALA: Kuvela okuzokwenza uSiphelo Baloni avelele kwiPirates

“Ngikholwa wukuthi uNtseki uwulungele lo msebenzi, singamdonseli phansi umuntu engakawuqali kwamsebenzi lowo. 

“Kafushane nje, ngicabanga ukuthi uNtseki uzoletha uhlobo lwebhola elihlaselauo futhi elisheshayo kwiChiefs,” kusho le nsizwa eyayigijima kuManning Rangers.