I-Betway Premiership – ngabe seyizobizwa kanjalo?
I-Betway icuthile ukuthi ingene esikhaleni seMultichoice uma igcina ihlukene nePremier Soccer League (PSL) njengabaxhasi bayo.
Lezi zinkampani kuvela ukuthi zisezingxoxweni lapho zidingida khona ukubuqeda ubudlelwano ngenxa yezizathu ezithile.
Lokhu kuzobamangaza abathandi bebhola abaningi uma kubhekwa ukuthi iMultichoice isasalelwe unyaka esivumelwaneni esasayinwa ngoSepthemba ka-2020, ngemuva kokuthatha izintambo ku-Absa.
Izingxoxo ziyaqhubeka ukuthi kuhlukanwe manje yini noma kutholakale indlela yokuthi kuqedelwe unyaka wokugcina ngaphandle kokuthi kubhekwe izinkinga ezithinta imali.
Kuvela ukuthi iDStv ithanda ukushaya amakhala ngokuqhubeka nokuthwala izindleko zalokhu kubambisana ezifinyelela ezigidini ngesizini eyodwa.
Izingxoxo ziyaqhubeka ukuthi kutholakale abaxhasi ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/2025 ngenyanga ezayo, noma ngesizini ezolandela ezayo. IBetway, okuyinkampani yokubhetha, iyona okuvela ingase ingene esikhundleni seDStv.
Ngesonto elidlule iPSL itshela amaqembu ePremiership ukuthi ame kancane ukuqedela ukwenza amajezi awo, ngoba kukhona okusamele kwenziwe nge-logo yePremier Division yesizini ezayo.