ISundowns izoshiywa isiqongqwane somdlali ekupheleni kwesizini
SIHLE NGUBO
IMamelodi Sundowns izoshiywa umdlali obalulekile okuvela ukuthi wenqabile ukuvuselela inkontileka yakhe naleli qembu laseChloorkop.
Inkontileka kaKhuliso Mudau iyaphela ngoJuni wonyaka ozayo, kanti ezivela kuBafana Ba’Style zithi lo mdlali weBafana Bafana ngeke ayivuselele.
UMudau, oneminyaka engu-30, uke wangadlala eqenjini ekuqaleni kwesizini, ngoba kukhona ukungatholani ngokuthile.
Kuvele ukuthi lo mdlalo kukhona amaqembu abemfuna kodwa iSundowns yenqaba ukumdedela.
Lokhu kuholele ekutheni lo mdlali wasemuva adube ukuziqeqesha neqembu, waphinde wafuna ukuwenyuselwa imali uma iqembu lingafuni ukumdedela.
Kudingeke ukuthi kuhlalwe phansi nalo mdlali ukuze kuxazululwe inkinga abenayo nabaphathi beqembu.
Ngaleso sikhathi iSundowns ibisabhekene nokushiywa uLucas Ribeiro Costa, ohambe ngenkani kuleli qembu, yize ebesenkontileka.
Indaba kaRibeiro igcine idingidwa kwiFifa kodwa ubesevele esayinile kwiCultural Leonesa yaseSpain.
Kuleli qembu uRibeiro uyadlala ngokukhululeka, futhi useshaye negoli, yize kwakubhekwe ukuthi iSundowns imbuyise ngoba uhambe esenenkontileka nayo.
UMudau, osesikwatini seBafana Bafana esiyodlala kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) eMorocco, ngeke kumangaze uma ejoyina uRulani Mokwena kwiMC Alger yase-Algeria.
UMokwena, oke waqeqesha iSundowns, kuyaziwa ukuthi uyazifela ngalo mdlali futhi uyakholelwa kuyena.
Akhona namathuba okuthi uMudau ajoyine elinye lamaqembu aseSaudi Arabia osekuke kwavela phambilini ukuthi abemgaqele.
Lo mdlali unelungelo lokusayina inkontileka yesibambiso neqembu alithandayo ngoJanuwari, njengoba inkontileka yakhe iphela ngoJuni.
ISundowns ayenzi kahle njengamasizini edlule selokhu kuqale isizini. Leli qembu lisendaweni yesibili kwilogi, kanti esicongweni kuhlezi i-Orlando Pirates.

