Obebolekiswe yiSundowns kulindeleke abuyele ekhaya
SIHLE NGUBO
Ngemuva kokushaya into ecokeme kwiFifa Club World Cup ese-USA, uThembinkosi “Nyoso” Lorch, bekubhekeke ukuthi athole iqembu elisha noma ahlale kwiWydad Athletic Club yaseMorocco.
Lo mdlali usemabhukwini eMamelodi Sundowns kodwa ubebolekiswe kwiWydad ngesizini edlule, kuze kuphele uJulayi nonyaka.
Leli qembu beliqeqeshwa uRulani Mokwena okunguyena olande uLorch noCassius Mailula ukuthi bazodlala kwiWydad.
UMokwena ushiyile kuleli qembu ekupheleni kwesizini edlule, waphuthelwa ukuya nalo kwiClub World Cup.
ULorch noMailula bebeyingxenye yeqembu kulo mqhudelwano futhi bobabili bashaye amagoli.
Kugqame kakhulu amava nobuhlakani bukaLorch, kwabukeka sengathi uzithengise ngokwanele ukuthi athole iqembu elizomthenga.
Bekukhona nokuthi mhlawumbe uzohlala kwiWydad uma ikhulumisana kahle neSundowns, ngoba ungumdlali wayo.
Nokho kuvela ukuthi lo mdlali, ogqame kwi-Orlando Pirates, uzobuyela kuBafana Ba’Style njengoba sesiphela isivumelwano sokubolekiswa kwakhe kwiWydad.
ISundowns izobuyela ekulungiseleni isizini entsha ngesonto elizayo, ngoba ibisaphumula ngemuva kokuyibamba kwiClub World Cup.
ULorch kulindeleke ukuthi abe yingxenye yeqembu eChloorkop, nokuchaza ukuthi kuzomele alwele indawo yakhe ngaphansi komqeqeshi uMiguel Cardoso.
ISundowns izovula isizini entsha ngokubhekana neRichards Bay FC emdlalweni weMTN8 ngempelasonto yokuqala ku-Agasti.
Amaqembu azodlala kwiMTN8 ka-2025, azoqhathwa maduze bese kuhlaluka kahle izinkundla azodlalela kuzoba, nezinsuku zemidlalo.

