Uncategorized

UBlom uphoxekile egajwa kwiBafana, uwukhomba kuye umunwe 

Njabulo Shezi

Kuyajabulisa ukuzwa umdlali osemncane njengoNjabulo Blom ekhombisa ukukhula ngokwamukela ngenhliziyo enhle ukugajwa kwakhe eqenjini lesizwe. 

UNjabulo Blom ungomunye wabadlali obekwaziwa ukuthi bawumgogodla weBafana Bafana ngaphansi kukaHugo Broos. 

Ukushiywa kwakhe ngaphandle eqenjini lakamuva elizobhekana neNamibia neDR Congo emidlalweni yokungcwekisana kushiye imizubo. 

Echaza ukumshiya kwakhe, uBroos uthe kungenxa yokuthi akadlali njalo eqenjini lakhe iSt Louis City kwiMajro League Soccer e-US.

“Angazi kwenzekani ngoBlom, kwesinye isikhathi uyadlala, kwesinye angadlali kuphele amaviki,” kusho uBroos ngalo mdlali. 

“Yingakho ngikhethe ukuthatha uGrant Margeman ngimnike ithuba naye ukuthi asibonise usiphatheleni kunokuletha uBlom ongadlalanga kumaviki amathathu adlule. 

Ekhuluma nabeMetro FM kuleli viki, uNjabulo Blom uthe akumkhathazi kangako ukungaqokwa futhi kumtshela ukuthi akasebenze kakhudlwana. 

“Ngiya ngokuba ngcono ngomdlalo nomdlalo esiwudlalayo, futhi ngiyafunda,” kusho uNjabulo Blom.

“Engiingakusho nje wukuthi wonke umdlali oseqenjini lesizwe njengamanje ukufanele ukuba khona. 

“Ukungabizwa eqenjini lesizwe kusho ukuthi kumele ngenze kangcono, ngisebenze kakhudlwana kunakuqala,” kuchaza yena.

FUNDA NALA: UMokwena nokusha ngoGaston Sirino ofuna ukuhamba kwiDowns

“Ngiphoxekile ngokuthi angingenanga eqenjini. Kodwa uma ubheka izinga labadlali ababiziwe, bonke bakufanele ukuba seqenjini.”