Uncategorized

IHellenic ivale esikaZothwane ngoBikwani onamava

PHILI HLONGWANE

IKwaDlangezwa Hellenic seyigcine imtholile ozovala isikhala sikaPapi Zothwane oshiye iqembu ngoFebhuwari nonyaka, wajoyina iBlack Leopards.

UThobela Bikwani (osesithombeni), obengumqeqeshi woMkhumbane Classic, uyena osezocija iHellenic egijima kwi-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal. Leli qembu lidlale umzuliswano wesibili weligi lingenaye umqeqeshi.

UBikwani uke waba ngumqeqeshi weSantos FC neTornado FC. Wafunda eSchool of Excellence, wadlalela amaqembu afana neSuperSport United neBush bucks. Lo mqeqeshi uke wagijima emaqenjini aphesheya, okubalwa kuwona iPSV Eindhoven neFC Twente laphaya eNetherlands.

UBikwani wawinisa iCape Town all Stars yanyukela kwiMotsepe Foundation Championship. Kuleli qembu laseKapa, elagcina lishabalele ngemuva kokudayisela iTS Galaxy isitifiketi seNFD ngo-2018, uBikwani wayeyiphini likaDylan Dean.

Omunye wabaphathi beHellenic, ongathandanga ukudalulwa, ukuqinisekisile ukuvala isikhala somqeqeshi, ngemuva kwesikhathi eside iqembu lashiywa uZothwane.

“Ngibone kusemqoka ukuthi ngilande uBikwani ukuze sikwazi ukwenza kangcono ngesizini ezoqala,” kusho yena.

“Inhloso yokuletha uBikwani ukuthi iqembu lenze kangcono. Sifuna ukuwina kule sizini ezoqala.”

UBikwani uzosebenzisana nabaqeqeshi ababili, uNhlanhla Ndlovu, obeyiphini likaZothwane, noMafa Zuma, owazakhela udumo ngenkathi elekelela uClinton Larson kwiSummerfield Dynamos.

Abaphathi beqembu badlulise ukubonga kakhulu kubaqeqeshi uNdlovu noZuma, ngokuthi bakwazile ukubambisana ngenkathi iqembu lingenaye umqeqeshi.