EzakamuvaIbhola

UPatrick Mayo usola uZwane, uyahohoza ngoNtseki kwiChiefs

Alfred Ngubane

Usequnge isibindi uPatrick Mayo wakhuluma into abaningi abebengeke bayisho ngo-Arthur Zwane kwiKaizer Chiefs. 

UPatrick Mayo, oyinkakha yaleli qembu kwazise wadlala kulo, ubona izinkinga eziningi ezikhona zidalwa ukuba khona kukaZwane eqenjini. 

Uthi uZwane unogcobho ekuxoshiseni abaqeqeshi abathathu okungoGavin Hunt, Ernst Middendorp noStuart Baxter. 

Kuzokhumbuleka ke ukuthi uBaxter waphumela obala, wakuveza ukuthi uZwane benoDillon Sheppard bamhlinzela ezibini. 

NoHunt kuthiwa uyakusho lokho kwasondelene nabo. Uze waphahluka ngoLwesithathu ngesikhathi kuvela ukuthi uZwane wehlisiwe esikhundleni. 

Lo mqeqeshi ufake kwiTwitter umbhalo okhombisa ukuthi uyajabula ngokwenzekayo kodwa wabuye washeshe wawususa. 

“Angiboni ngempela ezokwenza umsebenzi wakhe ngokukhululeka uMolefi Ntseki uma kusekhona leya ndoda,” kusho uPatrick Mayo. 

“Ngibona bezophazamisana ngempela, bagcine sebefana   njengezinkukhu zizalela. Kuzomele bamgudluze. 

“Kumele ahambe eyofuna umsebenzi ngaphandle khona ukhakhayi luzoqina ngoba bengilindele ukuthi bazoqhubeka naye. 

“Nami ngixakekile uma sengibona usihlalo uKaizer Motaung esememezela lo mqeqeshi omusha,” kuchaza uPatrick Mayo.

Ephawula ngoNtseki, uMayo uthe ubona inhlanhla nje ngoba akanawo umlando wokuqeqesha obungenza anikwe lo msebenzi omkhulu kangaka.

“Ngibona ukuthi unenhlanhla ngoba akukho okuphathekayo ngaye. Mhlawumbe babheke  ukuthi ufundile bacabanga ukuthi uzobanika lento abayifunayo.

“Kodwa phela ibhola alidlalwa ngemfundo. Khona isiyobanjwa esithele nayo mhlekazi wami,” kusho uMayo. 

FUNDA NALA: Waphatheka kabi uHashim Domingo ededelwa yiSundowns

“Mina angincumile mhlekazi. Leli qembu laMakhosi likhulu kunoMolefi Ntseki.” 

Akuyena uMayo owokuqala ukuyisola iChiefs ngokuqasha uNtseki njengoba noLucas Radebe naye eke wakuveza ukungayizwa kahle.