ISwallows ibonga iSundowns ngokuyidedelela uSteve Komphela
Sbongs Gumbi
USteve Komphela nguye osezoqeqesha iSwallows FC ngesizini ezayo, esizwa ngoMusa Nyatama noDitheko Mototo.
Lezi zindaba zimenyezelwe yiyo iSwallows ngeSonto ekuseni esitatimendeni esikhiphele abezindaba.
Bekungalindelekile ke lokhu kwazise leli qembu belisanda kuveza ukuthi lizonika uMusa Nyatama ithuba laze lamlandela noMototo ukuba azomsiza.
Kodwa selibuye labona kungcono lizame uSteve Komphela ongumqeqeshi omanava ebholeni lakuleli.
“Sifuna ukubeka iSwallows ezingeni elilandelayo futhi sijabule ngokuthi sikwazile ukuheha uSteve Komphela,” kusho iSwallows esitatimendeni.
UKomphela ubekwiMamelodi Sundowns kule minyaka emithathu edlule la aqala engumqeqeshi omdala,wagcina eliphini likaRulani Mokwena.
IDube Birds ivezile ukuthi ixoxisane neSundowns kwazise lo mqeqeshi ubenenkontileka nayo futhi kungelula ukuthi azishiyele.
Abaqeqeshi kwiSundowns banezinkontileka eziqhoqa ukuthi iqembu elimfunayo limthenge noma kube yiyo emdedelayo.
UKomphela uke wafunwa yiPirates ngaphambi kokuthi ilande uJose Riveiro kodwa yehluleka wukukhipha imali ebidingwa yiSundonws ngaleso sikhathi.
Namaqembu abehalela uManqoba Mngqithi agcine ehlehla ngenxa yawo lo mbandela wezinkontileka zeSundowns.
“Siyabonga nangendlela ehloniphekile iMamelodi Sundonws ebambe ngayo izingxoxo. Umqeqeshi uMusa usayingxenye ebalulekile yeqembu.
“Futhi ukuzimisela kwakhe ukufuna ngokusebenzisana nomqeqeshi onamava njengoSteve Komphela sikakubonga.
“Laba baqeqeshi bahlanganile izolo (ngoMgqibelo) beyobungaza usuku lokuzalwa lukaKomphela futhi bakujabulele ukusebenzisana, babeke iSwallows ezingeni eliphezulu.”
Leli qembu lengeze ngokuthi uKomphela uzokwethulwa eqenjini ngokusemthethweni ngoLwesibili.
FUNDA NALA: IBanyana Banyana igoloza ukudlala ‘enkundleni engasile’
Leli qembu laseSoweto belingelinye labemiswe kabi yizembe ngasekupheleni kwesizini edlule kulandela ukulaxazwa esikhaleni ngu-Ernst Middendorp.
Kwabe sekubamba yena uNyatama futhi wawenza kahle umsebenzi njengoba ekwazile ukulivikisa izembe.