EzakamuvaIbhola

IMilford ithenge isitifiketi soThongathi kwaxoshwa imenenja

Alfred Ngubane

ULethukuthula “Tom” Dlamini obemenenja iqembu ebelidlala kwi-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal iMilford FC  usekhonjwe indlela. 

Isikhundla sakhe sithathwe nguSenzeni Pupuma ongumfowabo kasihlalo weqembu, ngokusho kukaDlamini. 

Kwenzeka lokhu nje iMilford isanda kuthenga isitifikethi sokudlala kwiMotsepe Foundation Championship – ithenge esoThongathi FC. 

 UDlamini uthi utshelwe ngusihlalo ukuthi umsebenzi  uphelile ngoba abafowabo bathi  akusebenzeki naye. 

“Le nhlanakazela abangishaye ngayo abafowabo bakasihlalo yingoba sebebona ibhodwe eliconsayo,” kusho uDlamini. 

Kuzokhumbuleka ukuthi uDlamini uyinkunzi emdwayidwa njengoba kudala ekhona ebholeni futhi useke waqeqesha neMangosuthu University of Technology. 

Wake iReal Kings futhi usesebenze namaqembu amaningi. UDlamini ungomunye  wezimenenja ezinamava kakhulu.

Khonamanjalo, kulindeleke ukuthi izindaba zokuthengwa koThongathi oseluzobizwa ngeMilford zimenyezelwe maduze. 

FUNDA NALA: U-Aaron Mokoena uveza isifiso sakhe ngeBafana

Kuvela ukuthi abaphathi boThongathi bese besindeka izindleko zeqembu nokuyikho okwenze balidedele. 

IMilford seyinesikhathi eside izama ukuphuma kwi-ABC Motsepe Foundation kodwa kungayivumi.