Waphatheka kabi uHashim Domingo ededelwa yiSundowns
Sbongs Gumbi
UHashim Domingo uthi akananxa neMamelodi Sundowns emdedele esathanda ukuhlala futhi esekhona ezinhlelweni zomqeqeshi.
Lo mdlali ube ngomunye wabowokuqala ukukhululwa yiSundowns kulandela ukuphela kwenkontileka abebenazo nayo.
Uhambe elandela ezithendeni u-Andile Jali. Yena ubesahlale iminyaka emithathu kwiSundowns njengoba esehambile nje.
“Sihlukane ngezindlela ngoba singavumelani ngenkontileka entsha. Kodwa umqeqeshi uRulani (Mokwena) ubefuna ngihlale.
“Lokho wakubeka kwacaca lokho ngisho nakwabezindaba. Nokho akakwazi ukulawula izingxoxo zenkontileka,” kusho uDomingo etshela iSABC Sport.
Uthe lokhu abekubekelwa etafuleni yiSundowns bekungagculisi nokuyingakho aqoka ukuthi kuvele kuhlukanwe ngezindlela.
“Abebenginikeza kona… angijabulanga ngakho ngoba bekukuncane kungene kungenze ngikwazi ukukhululeka empilweni. Yingakho sagcina singavumelananga.”
Lo mdlali wasesiswini uthi yize begcine behlukene neSundowns, akuxatshanangwa, yikho nje ukuthi kwakungavunyelwana.
“Asithukuthelelene. Ngiyabaqonda futhi nabo bayaqonda ukuthi kungani bengifuna ebengikufuna. Kodwa kwangimangaza – ngaba nomuzwa wokuthi umqeqeshi uRulani wayengifuna futhi kubalulekile ukuthi yini ayifunayo… ukuze akhe iqembu.
“Futhi uyangazi, uyangibona zonke izinsuku,” kwengeza uHashim Domingo. Yize ebuhlungu ngokuhamba kwiSundowns abezibona eya kude nayo, uthi bese sishayile isikhathi souyoqala enye impilo.
UHashim Domingo usayinwe yiRaja Casablanca yaseMorocco. Uzosebenza ngaphansi kukaJosef Zinnbauer obeqeqesha i-Orlando Pirates phambilini.
“Uyazi, uma kuvaleka lo mnyango, kuvuleka omunye – yileyo indlela engiphila ngayo impilo yami. USomandla uyasibhekelela kuyo yonke into.
“Ngathuthuka kakhulu njengomdlali kwiSundowns. Yilokho kuphela esifuna ukukwenza. Angiyithathi kancane noma kukhona okubi engingakusho ngeSundowns.
FUNDA NALA: IMilford ithenge isitifiketi soThongathi kwaxoshwa imenenja
“Ngiyabonga, bangibeke lapha namuhla. Ngibe nesikhathi esimnandi nabantu abasezingeni eliphezulu eqenjini eliphambili kwezobuchwepheshe,” kusho uHashim Domingo.