UHugo Broos wesese kakhulu ngeBafana Bafana abeyibizile
SIHLE NGUBO
Wesese kakhulu umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, kulandela ukudlala imidlalo emibili yobungani njengoba beyikhalenda leFifa.
IBafana ishaye iMozambique ngo 2-0 emdlalweni wobungani eNew Peter Mokaba Stadium, ngoLwesibili ebusuku.
Amagoli kulo mdlalo eze noSinoxolo Kwayiba no-Ashley Cupid ngesiwombe sesibili.
Ngaphambi kwalo mdlalo iqembu lakuleli libhekane neTanzania umdlalo waphela ngo 0-0 ngoLwesihlanu.
Yize lo mqeqeshi waseBelgium efisa bashaye amagoli amaningi kodwa ujabule ngakubonile kule midlalo emibili yobungani.
“Namuhla sidlale kahle kakhulu. Sibe namathuba amaningi kakhulu,” kusho uBroos.
“Ngesiwombe sokuqala besingahamba phambili ngo 3-0. Besilitshala kahle ibhola futhi iqembu linyakaza kamnandi.”
Abadlali abagqamile kulo mdlalo uKwayiba, uRelebohile Mofokeng, uMbekezeli Mbokazi, uMohau Nkota no-Oswin Appolis, ongene ngesiwombe sesibili.
“Yebo ngijabule kakhulu ngawo wonke umdlalo, isiwombe sesibili naso besisihle kakhulu,” kuqhuba uBroos.
“Sizamile ukulungisa, uKwayiba ubengcono kakhulu ngesiwombe sesibili uma kuqhathaniswa nesokuqala. Ngicabanga ukuthi kusifanele ukunqoba namuhla.
“(UKwayiba) ubengashaya amagoli amathathu namuhla kodwa kulungile. Amathuba abekhona nendlela esiwakhe ngayo ibiyinhle.
“Indlela ebesicindezela ngayo izitha ibiyinhle kakhulu, ngakho ngingasho ukuthi uma ngibuka le midlalo emibili ngijabule njengomqeqeshi.”
Abadlali beMamelodi Sundowns bebengekho kule midlalo ngoba beyodlala kwiFifa Club World Cup eqala ngoJuni 15 e-USA.
IBafana izobuyela enkundleni ngokubhekana neLesotho neNigeria ngoSepthemba, bese itholane phezulu neZimbabwe neRwanda ngoNovemba, emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

