Isayina isihlabani seSundowns iMarumo Gallants
Njabulo Shezi
IMarumo Gallants isiqalile ukuvala izikhala zabadlali ebadayisile njengoba seyiqale umkhankaso wokuqinisa iqembu.
Leli qembu laseLimpopo lidliwe yizembe kwiDStv Premiership ngesizini edlule njengoba selizodlala kwiMotsepe Foundation Championship nje.
Ikhulule oRanga Chivaviro, Katlego Otladisa, Celimpilo Ngema, Djakaridja Traore noLesiba Nku.
UChivaviro usabangwa yiKaizer Chiefs neRichads Bay, u-Otladisa ukwi-Olrando Pirates, uNgema ukuMaZulu, uTraore ukwiStellenbosch bese kuthi uNku abe kwiMamelodi Sundowns.
Ngokubika kwabeFAR Post, iMarumo Gallants seyizibekele umgomo wokuthi nakanjani iyabuya kwiPremiership ekupheleni kwesizini.
Yingakho ke seyilande isihlabani seDenver Sundowns eSwatini, uSiphamandla Maseko okuthiwa unekhono elihle.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi uMaseko uzobe edlala eNingizimu Afrika esigabeni sokuqala,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Ungumdlali omuhle kakhulu futhi ufike wabachaza ngesikhathi eyohlolwa ikhono, yingakho sebefuna ukumsayina nje lo mdlali waseSwatini.
FUNDA NALA: Okwenze iChiefs ivuselelele u-Itu Khune inkontileka
“Sekuqedelwa okuthize nje ngenjontileka yakhe kodwa nginesiziniseko sokuthi bamfuna ngampela.
“Uzohamba nje maduze abuyele eLimpopo eseyosayina,” kwengeza lo mthombo. Leli qembu asuka kulo yilo elakhiqiza noJustice Figareido osanda kusayina kwiRichards Bay.