EzakamuvaIbhola

Okwenze iChiefs ivuselelele u-Itu Khune inkontileka

Sihle Ngubo

Abalandeli abaningi bebezibuza ukuthi  u-Itumeleng Khune uzochithwa yini kwiKaizer Chiefs njengoba kuzoqala isizini entsha yeDStv Premiership.

Amakhosi ayiphendulile imibuzo yabalandeli ngokusayinisa uKhune inkontileka yonyaka owodwa.

Kuvela ukuthi isizini ezoqala kuzobe kungeyokugcina kulo nozinti okunguyena umdlali osehlale iminyaka eminingi kunabo bonke kwiChiefs.

Yize naye esebona ukuthi kumele awabeke ethala amakhokho ngenxa yokuhlushwa wukulimala, uvumile ukudlala isizini yokugcina. 

Lokhu kwenzelwe ukuthi asale eseqopha irekhodi lokuba ngumdlali wokuqala emlandweni weqembu ukuhlala iminyaka engu-20.

Kuvela nokuthi uzosiza iqembu ekuthungatheni onozinti njengoba lifuna ukuqinisa kulo mkhakha. 

IChiefs iphucwe iqatha emlonyeni yi-Orlando Pirates kuMelusi Buthelezi obevimba kwiTS Galaxy njengoba nayo beyimfuna. 

U-Itumeleng Khune nguyena ukaputeni weqembu futhi inkontileka ayisayinile izokwenza ahlanganise iminyaka engu-20 eseNaturena. 

Nokho lo nozinti ubengalitholi kahle ijezi ngesizini edlule njengoba isikhathi esiningi bekuvimba uBrandon Peterson.

Uma engekho uKhune ibhande belinikwa uKeagan Dolly. Kuphele isizini eselimele uDolly kanti ngaleso sikhathi ibhande bese ligqokwa uYusuf Mart.

Okuhlalukile ukuthi kwayena uPeterson ubengenzi kahle uma evimbile, nokwenza kungacaci ukuthi yimuphi unozinti ozonikwa ithuba uma kuqala isizini. 

UBruce Bvuma yena ubengasabalwa nasendaweni yesibili nokwenze ukuthi kukhohlweke kancane ngaye ngesizini edlule.

IChiefs isanda kumemezela uMolefi Ntseki njengomqeqeshi wayo omusha. Uthathe izintambo ku-Arthur Zwane osezoba yiphini lakhe noDillon Sheppard. 

Akwaziwa noma uNtseki ube nalo yini izwi ekutheni u-Itumeleng Khune abe khona konozinti azobasebenzisa ngesizini ezoqala. Okwamanje kubukeka iChiefs isakholelwa kuKhune.

IChiefs kulindeleke ivule isizini neCape Town City emdlalweni we-quarterfinal yeMTN8.

FUNDA NALA: ISwallows ibonga iSundowns ngokuyidedelela uSteve Komphela 

Amaqembu azodlala lo mqhudelwano asazoqhathwa ngokusemthethweni, bese ngemuva kwalokho iPremier Soccer League (PSL) imemezela izinkundla nezinsuku okuzodlalwa kuzo.