Uhlelo lukaNtseki lokulawula udumo luka-Ox kwiChiefs
Ukufika kukaSibongiseni “Ox” Mthethwa kwiKaizer Chiefs kususe elikhulu isasasa kubalandeli.
Lokhu kufakele umqeqeshi uMolefi Ntseki inselelo. Abanye abalandeli sebeze baqalile nokuqagela ngokuthi ubani okufanele aphume ukuze avule isikhala sikaMthethwa eqenjini likaNtseki.
Kodwa kukhona okungahle kube kubi ngalolu dumo. Kuyenzeka lube yisiphazamiso, njengoba sike sabona ngabadlali abafana noSiphelele Ntsangase noDumisani Zuma phambilini.
Manje-ke, sekuwumthwalo kaNtseki ukuqinisekisa ukuthi u-Ox akahambi ngendlela efanayo futhi ugxila kakhulu ekudlaleni kwiChiefs.
UNtseki ugcizelele ukubaluleka kohlelo lokuqwashiwa kuka-Ox nabanye abadlali abasha ngengcindezi ehambisana nokudlala kuleli qembu.
Ubalule ukuthi uma umdlali efika kwiKaizer Chiefs akvele abe yisihlabani esikhaleni nje, kudingeka aqonde indlela yokuziphatha nezokudlala okulindeleke kuleli qembu.
“Uma kukhulunywa ngo-Ox Mthethwa, nabanye abafana, okubaluleke kakhulu wukufakwa ohlelweni lweqembu,” kusho uNtseki kuleli sonto.
“Futhi ngicabanga ukuthi yilokho kanye esikwenzayo naye manje ngoba awuvele ungene kwiKaizer Chiefs bese uvele ucabange ukuthi usungumdlali osezingeni eliphezulu.
“Muva nje silethe uPule Mmodi, umdlali obevelele kwi-Arrows. Siphinde saba noPotsane, naye obengumdlali ovelele kwiRoyal AM.
“Ngiyababalula nje laba badlali kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi bethulwe kwahle, baqonde okulindeleke kubo.
“Lokho kungenxa yokuthi ulimi olukhulunywayo, nengcindezi kuhlukile. Kungenzeka ukuthi ubungumdlali osezingeni eliphezulu ekilabhini ophuma kuyo, kodwa kwiKaizer Chiefs ube ngumdlali ohlukile.
“Konke kungoba izimfuno zingase zibe phezulu kakhulu kunalapho ubukade ukhona.”
UNtseki wenze isibonelo ngabadlali abalethwe kwiManchester City, lapho iningi labo lingazange lisheshe lidlale.
Kodwa bagcine sebengabadlali abasezingeni eliphezulu ngenxa yokufakwa ngendlela efanele, evame ukwenziwa ngumqeqeshi.
“Ngijwayele ukwenza isibonelo ngabadlali abalethwe kwiMan City… Inqwaba yabo ayifiki bese idlala ngokushesha. Abaningi babo namuhla bangabadlali abaphezulu.
“U-Elring Halaand, abanye abalandeli baze bangabaza izinga lakhe, kodwa namuhla ungumdlali osezingeni eliphezulu ngenxa yokuqeqeshwa okufanele ikakhulukazi ohlangothini lomqeqeshi.”
Kuzothatha amehlo ke ukubona ukuthi uNtseki uzomqalisa yini uMthethwa uma sebebhekene neCape Town City.
FUNDA NALA: ‘Asifuni ukuphinde sikhale,’ kusho uJose Riveiro wePirates
IChiefs izogadulisana naleli qembu elivamise ukuyithwalisa kanzima emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngoLwesibili ngo-7.30 kusihlwa.