EzakamuvaIbhola

UMokwena uveza okumenze wakhetha iWydad AC

Umqeqeshi omusha weWydad Athletic Club, yaseMorocco, uRulani “Sunshine” Mokwena, uchaza ngesizathu esenze wakhetha leli qembu laseNyakatho ne-Afrika.

Lo mqeqeshi umenyezelwe yileli qembu ngokusemthethweni ngoLwesine, kanti kuvela ukuthi usayine inkontileka yeminyaka emithathu. Kubikwa ukuthi uWydad imkhululile ukuthi afike nethimba lakhe labaqeqeshi.

UMokwena ushiye kwiMamelodi Sundowns kungalindele muntu emasontweni edlule. Kuvele ukuthi bese kukhona ukungezwani phakathi kwakhe noFlemming Berg, oyiSporting Director yeSundowns.

“Ngikhethe iWydad ngoba yibona abaqale bangikhetha kuqala. Abebekubeka efatuleni kuhle kakhulu,” kusho uMokwena.

“Kuzoba umsebenzi onzima kodwa ukuba nzima akusho ukuthi ngeke kwenzeke. Ngithenjiswe ukuthi izinkinga sekuyinto edlule ngakho sibheke phambili neWydad.”

Kuke kwavela phambilini ukuthi leli qembu belimfuna uMokwena esaqeqesha iSundowns. Lichithe obengumqeqeshi uJuan Carlos Garrido, ohluleke ukulifaka kwiCaf Champions League.

“Kusekhona okuhle kuleli qembu iWydad. Iqembu liqinile futhi lisengaqina kakhulu. Sizosebenza ubusuku nemini,” kusho uMokwena.

“Sidinga isikhathi ukubekezela nokwesekwa. I-Wydad ifuna ukunqoba nempumelelo. Ngiyilungele le nselelo.”

Obengumqeqeshi weSundowns kwiDStv Diski Challenge (DDC), uSiyethemba Badela, kulindeleke ukuthi alandele uMokwena osazomemezela ithimba labaqeqeshi. UBadela uvele usesulile kwiSundowns.