Kutshekile kuNtseki iChiefs ibhonywa AmaZulu kwiCarling Cup
AmaZulu FC akuphindile lokho ewashisa iKaizer Chiefs ijezi kwiCarling Knockout Cup, eqeda amathuba aleli qembu okuqeda indlala yezindebe.
Nangesizini edlule Usuthu lwayikhipha iChiefs kwiMTN8. Kulokhu ayishaye ngo 1-0 emdlalweni wesigaba sokuqala kwiCarling Knockout.
Leli goli lishaywe umdlali osanda kufika kuMaZulu, uTariq Feilies kanti lingene Amakhosi esethembile njengoba bekuyiwo ahlasela kakhulu.
Lo mphumela uzoyenyusa ngendlela engakholakali ingcindezi kumqeqeshi weChiefs, uMolefi Ntseki, obonakale ebakaza ngemuva kwegoli laMaZulu.
UNtseki uvele useke wajikijelwa ngabalandeli baleli qembu, bethi akavele ashiye kusekuhle nje.
Ukukhishwa nakulo mqhuedelwano akungabazeki ukuthi kuzoyenyusa ingcindezi kwazise kusho ukuthi izohlangana impela iminyaka eyishumi ingekho indebe eNaturena.
Ngokomdlalo, womabili lamaqembu akhombisile ukuthi umdlalo womkhumulajezi njengoba abengancengani, ehlaselana udede.
Namathuba abekhona ndawo zonke, kodwa abengekho abecace ngendlela yokuthi ungasola umdlali ngokudlala ngalo.
FUNDA NALA: UMayo ukhale ngokuvuza emuva iCity ibhuliswa amazolo
Umdlalo bekubukeka uzogcina uye esikhathi esengeziwe ngesikhathi uFeilies evele eyijuqa iChiefs ngegoli alishaye sekusele imizuzu emithathu umdlalo uphele.